![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/04/Untitled6.png)
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezokuBuswa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, usekhiphe iseluleko asibhekise kuMasipala waseMhlathuze ukuthi kuzomele uqinise kakhulu izinhlelo zokuphepha ukuze kuqashwe indlela okusetshenziswa ngayo izibhamu emagcekeni kaMasipala.
Iseluleko sikaNgqongqoshe uMoloi siza emuva kokuthi kube nesigameko lapho onogada ababili abaqapha iMeya kanye neMenenja kaMasipala uMhlathuze eRichards Bay bekhiphelene izibhamu kwadubuleka omunye khona ngaphakathi emahhovisi.Lesigameko senzeke emavikini amabili edlule.
Ngokwemibiko ithi lesigameko sokudubulana konogada senzeke emahhovisi lapho bekumele babe nomhlangano khona ehhovisi lePhini leMenenja yezokuXhumana uMnu Mathews Oliphant.
Emva kwalesigameko uNgqongqoshe uSithole-Moloi ubambe umhlangano nesigungu esiphezulu ngenhloso yokudingida ngezinqumo ezithathiwe ukubhekela isimo esifana nalesi. uMeya kuMasipala uMhlathuze ukhansela uXolani Ngwezi kanye nethimba lakhe bachazele uNgqongqoshe mayelana nezinqumo ezithathiwe zokuqinisekisa ukuphepha kweziphathimandla zikaMasipala kanye nomphakathi.
UNgqongqoshe uSithole-Moloi usigxekile kakhulu lesisisenzo. Kanti ube eseveza ukuthi benguMnyango bathanda ukuqinisekisa umphakathi waseMhlathuze ukuthi baphezu kophenyo mayelana nalesigameko, nokuthi kuzokwenziwa isiqinisekiso sokuthi asiphinde senzeke isigameko esifana nalesi ukuze kuphephe izisebenzi, amakhansela kanye nomphakathi. SANews.gov.za.