Uthwele kanzima umphakathi wase Lindelani ngenxa yokweswela amanzi nogesi

ZUKISWA Mthanti

Itshe lome inhlama kwizakhamuzi zase Lindelani ngenxa yokungabi khona  kwamanzi nogesi, okubika ukuth sekuyisikhathi eside lenkinga iqhubeka. Loku okudala imbangela yokuth Izikole ezakhele lendawo nosomabhizinisi bathikamezeke ekeqhubekeni nomsebenzi.

Izakhamuzi zidalule nokuthi uma zizama ukufonela uMasipala ukuze zikwazi ukulethelwa amanzi ngesinye isikhathi kuthatha isikhathi eside ukuze balethelwe noma lubuye lungabanjwa nhlobo ucingo kumahhovisi.

U Anthony Duma yena ongunogada wasesikoleni I Mandlenkosi High School uphawule wathi ngalesi simo, “Leskoleni sekuyisikhathi eside amanzi engekho, size sisizwe awemvula nakhona aphele emathangini. Ngoba lamanzi asebenza kakhulu leskoleni ekuphekeni nasekuphuzeni ingane zeskole. Njengoba sinamathangi amabili elinye lingaphansi kwesihlahla siyaye sithi abantwana abangaphuzi kulona ngoba ukuncola kwesihlahla kuwena kusona. kwawona lawa esiwalethelwa uMaspala awahlanzekile kahle”

Uqhubeke wasilandisa ngokuth uma ephele ngempela amanzi eskoleni ingane kuyaye kuphoqeleke ukuth zisheshe zidedelwe noma omama nayaye baphoqelek ukuth bayowakha ezindaweni eziseduze.

Omunye w othisha  e Mandlenkosi uthe kuyaye kubenzima kakhulu kubona uma uqhumile noma kutshotswe intambo loku okujwayele ukuwenzaka, ngoba abakwazi ukuqhubeka nokufundisa abafundi ngoba izinto eziningi sezisebenzisa ugesi.

uSamke Khumalo yena onestolo uthe,” Thina esidayisayo kunzima kakhul ngoba kulendawo sinenkinga kakhulu kugesi uma ungahambile kuqhuma intambo noma kutshontshwe intambo. Loko okwenza ibhizinisi lime ngoba ezinye izinto ziyancibilika zibole singabe sisakwazi ukuzidayisa”

uMnu Muzi Thusi ikhansela lase Lindelani, uphawule ngokuth,” Inking yamanzi yaqala ngingakafiki ngisho ekubeni ikhansela, ngabo 2017 noma 2018.Ngathi Ngifika ekubeni ilona ngabiza uMphathi wakwa Water and Sanitation ukuze izobheka inkinga nokuth izoyixhazulula kanjani Bathi uma behlola bathola ukuthi ipump yamanzi isindala ayisasebenzi kahle”.

Uphinde wasilandisa ngokuth ngoNhlolanja walonyaka u Water and Sanitation ukhiphe isamba ukuze kulungiswe inkinga. Kube nenkinga ekuqasheni ikontileka ezolungisa amapump wamanzi kodwa into ezolungiswa nayo ngokushesha ngoba imphakathi uyawadinga amanzi. .Kugesi ziningi inhlelo ezikhona zokuthi ulungiswe, ukuze ungasabi uhlupho emphakathini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *