![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/05/image.png)
SHEILA MHLONGO
Njengoba iNingizimu Afrika ilungiselela ukhetho luka 2024 oluzobe lungomhlaka May 29, uTik Tok, ngokubambisana ne Electoral Commission kanye nabezinhlangano ezizimele isimemezele ukuthi izoba nezinhlelo ezizosiza ukuvimba ukusatshalaliswa kolwazi olungelona iqiniso, ukuze abasebenzisa lenkundla bathole ulwazi oluqinisekisiwe.
“Lezinhlelo zingeminye yemizamo yeTik Tok yokuzibophezela ekuqinisekiseni ukuthi isabalalisa ulwazi oluyilo noluthembekile.” kusho isitatimende esithunyelwe abezindaba ngomhlaka 23 Ephreli.
Ngokubambisana nenhlangano ebhekele ezokhetho eNingizimu Afrika Independent ye-Electoral Commission kanye nezinhlangano ezingenzi inzuzo kwethulwe iTik Tok Election App Centre ezobhekana nokuqapha uhlelo lokhetho oluthembekile, oluzotholakala ngezilimi ezahlukene okubalwa kuzo, IsiZulu, Afrikaans, Sesotho, Setswana kanye ne English, ngenhloso yokwedlulisa ulwazi olumayelana nezokhetho.
UFortune Mgwili-Sibanda oyiTik Tok Public Policy Government Relations Director, uphawule wathi; “ le-Election App yethu iqukethe ulwazi olumqoka kakhulu olumayelana nezokhetho lwaseNingizimu Afrika oluvela kwabe IEC. Le App centre inezinto ezibalulekile ezizokwenza kubelula ukuthola ulwazi kusetshenziswa ukungena nge-link ezoholela ekutheni abantu bazifundele ngolwazi lonke olumayelana nezokhetho.” kusho yena.Weleka ngokuthi bayaziqhenya ngokuba indawo lapho abantu behlangana khona, kanti senza isiqinisekiso sokuthi akungeni lutho oluphambene neqinso.
Ephawula uMnu Sy Mamabolo oyi- Chief Electoral Office kwi Electoral Commission, uthe, “ ukwanda kokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana kubonakale kwandisa ukusatshalaliswa kolwazi olungelona iqiniso, ngakho uma ulwazi lungaqaphelwa lungadala ukuthi kubukelwe phansi ukhetho, siyabonga kwabe Tik tok ngemizamo yabo yokufundisa abasebenzisi be Tik Tok ukuze kugwemeke ukufakwa kolwazi oludukisayo.
ITik Tok inomgomo ewubekile wokungavumeli izikhangiso zamaqembu ezepolitiki, ama account amaqembu ezepolitiki kanye nosopolitiki uqobo lwabo, futhi angeke bavumela izikhangiso zokwenza imali kuTik Tok.
UKuqinisa umqomo wayo iTik Tok isiphinde yajoyina abe Africa Check ngenhloso yokuqhuba umkhankaso wokufundisa abezindaba ngolwazi olumayelana nezokhetho, okukhona phakathi kulo nolwe sign language ukubhekela labo abangakwazi ukukhuluma kulokhu kukhuthazwa nokusetshenziswa kwama video kuyo lenkundla yeTik Tok.
USara Lubala oyi Info Finder & Media Literacy Editor ye Africa Check, naye uzwakalise ukuthi nabo bayaziqhenya ngokusebenzisana nabe Tik Tok ekuqhubeni lomkhankaso obaluleke kangaka.