![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/05/image-4.png)
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho NezeMvelo kwa-Zulu Natali uMnu. Siboniso Duma wethule ngokusemthethweni ingqungquthela yezoKuvakasha i-Africa Tourism Indaba, phecelezi i-ATI ezobanjelwa e-King Albert Luthuli Convention Centre ngenyanga ezayo.
Lengqungquthela yezoKuvakasha ibalukekile ekuthuthukiseni umnotho wesifundazwe. Ngonyaka odlule, lengqungquthela yangenisa inani elilinganiswa kwizigidi eziwu-R130. Kulonyaka, kulindeleke izivakashi ezingaphezu kuka-800 000. Lesibalo sizoba ngaphezu kwesangonyaka odlule esasiwu-646 234. Ubuningi bezihambeli esifundazweni kusho ukugcwala kwezindawo zokulala, izindawo zobumnandi nezokuchitha isizungu kanye nezindawo zokudlela. Lokhu kwakha nemisebenzi ebalelwa ku-161 000 esiza abantu basesifundazweni.
Lengqungquthela iphinde isize osamabhizininisi abancane nabasafufusa abasemkhakheni wezoKuvakasha njengoba bezothola ithuba lokuzimakethe nokwakha ubudlelwano nozwakabo. Kulonyaka, kuzoba nosamabhizinisi abawu-15 abangaphansi kohlelo olubizwa nge-Tourism Enterprise Development Programme engaphansi yezoKuvasha KwaZulu Natali.
Lomcimbi wokwethula i-ATI ibuhanjelwe uSikela Mphathiswa wezoKuvakasha eNingizimu Afrika uMnu. Fish Mahlalela. Enkulumeni yakhe, Umnu. Fish Mahlalela ukhumbuze ababethamele lomcimbi ngokubaluleka kwabasifazane emkhakhani wezoKuvakasha. Eminyakeni ewu-30 yenkululeko neyentando yeningi, uHulumeni unenjongo yokubona abantu besifazane bebamba iqhaza kulomkhakha, ikakhulu ekutholeni amathuba ezikhundla nokuphatha.
UMnu. Siboniso Duma uphinde wagcizelela ukuthi uMnyango wezoKuvakasha e-KZN usebinzasana noMasipala weTheku nayo yonke imikhakha efanele ukuqinisikisa ukuphepha kwezithunywa zethu ezizobe zihambela izindawo ezahlukene nezinhle zakulesifundazwe.
ITheku lime ngomumo ukwamukela izivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika ne-Afrika yonkena.