Zimhambela kahle izinto uBarker kuDSTV kulesizini  SBU

MAMBA

Uvunywe unyaka umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker , iStellis sidedela isibhaxu ngempela kulesizini bashaya ngisho emakilabhu amakhulu kulesizini , labafana base Capetown bagcine ukushaywa nyakenye ngo September ,bayaqhulula futhi amagoli,

ku Dstv log bahleli endaweni yesibili ngo 46 points balandela iSundowns ehleli esicongweni seDSTV  Premiership , uBarker unqobe indebe yeCarling Knockout nyakenye , usethubeni

lokuwina iNebank Cup kanti uma eqeda endaweni yesibili ngo May uzongena ku Champions League.

UBarker esadlala ibhola phakathi kuka 1999-2000 wagijima kuWits University naku Supersport United kanti ekuqeqesheni useke waqeqesha i-University of Pretoria naMazulu

kodwa kulesizini ugila izimanga kakhulu eqenjini lakhe iStellenbosch yaseKapa , iStellis sivutha bhe kulesizini ka 2023/2024 , kulemdlalo embalwa edlule sishaye iKazier Chiefs ngo 1-0 , sadlalla ngokulingana neSekhukhune United , bashaya iTS Galaxy ezika Tim Sukazi ngo 2-1, babhaxabula iSupersport ngo 4-0 , zololokhu baqumbe phansi i Polokwane City ngama asihlanu eqandeni (5-0) amagoli onke ashaywe unyazi lomgadli u-Iqraam Rayners ophide agjime kuBafana Bafana.

Enye imfihlo yeStellenbosch ukuthi abathembele kumgadli oyedwa , yebo amagoli amabaningi ashaywa u Iqraam Rayners kodwa no Devin Titus no Van Wvayk bayayibhakuzisa inethi , embangweni we Top Goal Scorer kulesizini ohamba phambili iyona

lensizwa yeStellis uRayners onamagoli awu-13 , kulandele uReibero noMabasa babambene ngamagoli awu-11 bese kuba uKhanyisa Mayo ngamagoli awu-10 alandelwe u Nurkovich no Grobler ngamagoli awu-8, bese kuba uCupido no Ohizu ngamagoli awu-7 kuphinde kube enye insizwa yeStellenmbotch uDevin Titus onamagoli awu-6 naye akadlali neyingane uyawahlohla amagoli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *