![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/05/image-7.png)
SHEILA MHLONGO
Iqembu le African National Congress (ANC) ligcine likuhlehlisile ukulalelwa kwesigcawu sokuqondiswa kobugwegwe kuka Mnu Jacob Zuma. Lokhu kuza emuva kokuthi uNobhala Jikelele weqembu leANC uMnu Fikile Mbalula ezwakalise ukuthi bathathe isinqumo sokuhlelisa lesigcawu, kuze kuba sibanjwa emva kokhetho ngenxa yokucabangela izizathu zokuphepha.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Jacob Zuma wamiswa iqembu leANC emva kokuba limthole enecala lokwephula umthethethosisekelo weqembu ngesikhathi ememezela ukuthi uzokhankasela iqembu elisha leMK Party wathi futhi angeke esavotela i-ANC nakuba ezoqhubeka abe yilunga layo.
Isigcawu sokulalelwa kokuqondiswa kobugwegwe kuka Zuma bekumele kube ngoLwesibili kulo leliviki, okugcine kungenzekanga ngenxa yamahlebezi okuthi kungenzeka abalandeli be MK Party badale udlame ekomkhulu leANC eLuthuli House eGoli.
UMbalulula uzwakalise ukuthi uZuma ubonakala engenakho ukuzisola ngesenzo sakhe sokuthi akhankasele iqembu leMK Party ekubeni eseyilunga le ANC wathi lokhu kukhomba kahle kamhlophe ukuthi uZuma vele akasenandaba nokuba ilunga leANC.
Khona manjalo uMnu Jabulani Khumalo owumsunguli kanye nokunguye owabhalisa ngokusemthethweni iqembu loMkhunto Wesizwe Party usebhalele ne IEC ukuthi ikhiphe igama lika Mnu Jacob Zuma ohlwini lwabangenele ukhetho ngaphansi kwayo iMK Party nokuthi angabe esaba ubuso beqembu uma sekuvotwa, wabeka isizathu sokuthi uZuma uphethe lesikhundla ngokungemthetho. Kanti uKhumalo uphinde wezwakalisa ukuthi usexoshe uZuma ekubeni ilunga leMK Party lokhu okwenzeke emva kokuthi kwayena uKhumalo exoshwe uZuma ekubeni ilunga leMK Party.