Kuhlomule osomabhizinisi bakumasipala iKing Cetshwayo bethola uxhaso luka 10 million

ZETHU PHOSWA

LWAMUKELWE ngenhlokoma uxhaso luka-10 million, ebelubhekiswe kosomabhizinisi abangaphansi koMkhandlu  waseKing Cetshwayo, lapho ebekubhekelelwe kakhulu intsha nabesifazane.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi uMeya ukhansela  Thami Ntuli ezokwethula lolu xhaso, obekuhlanganise nokwethula isabelomali sika-2024/2025, ezinkundlelni zebhola likanobhutshuzwayo, eMthonjaneni.

“Sibhekelela intsha nabesifazane kakhulu ukuze sithuthukise umnotho futhi kudaleke namathuba emisebenzi. Intsha nabesifazane bawumgogodla  wekusasa, yibona ekufanele bacije intsha ezokuza ngemuva kwayo ukuthi, ifunde ukuzisungelela imisebenzi, inganciki kakhulu ekuqashweni,” kubeka uMhlonishwa Ntuli.

Uqhube wathi uMkhandlu uphinde wakhipha izimbuzi ezingu-500,nezithengwe kubantu bendawo, ezizonikezwa osomabhizinis ukuze bakwazi ukwenza ibhizinisi lazo lokuzifuya  baphinde bazidayise.

“Kusemqoka ukuthi sizikhiqize izimbuzi, njengoba ziklama indima enkulu  ekukhuliseni umnotho.Uma ubuka inani lezimbuzi ezikhiqizwayo kalanele ngoba zize ziyolandwa ngaphandle kwesiFundazwe saKwaZulu-Natal. Ingakho siqome ukuthi sizikhiqize thina, kulo mkhandlu,” esho kanje..

Uphinde waveza ukuthi uMkhandlu usazokwethula imali elinganiselwa ku R4,5 million ezolekelela abantu bamabhizinisi endaweni yase King Cetshwayo.

UNksz Zimbili Gumede waseMthonjaneni, okungomunye  othole uxhaso  ukujabulele kakhulu ukuthi inkampani yakhe yokupheka (Catering) I Pozani Creations ibe senhlanhleni yokuhlomula kulolu xhaso, Uthe lolu xhaso luzokuba nomthelela omuhle ekukhuliseni lenkampani kuphinde kuvulele nabanye amathuba.

Capt:

IMEYA Thami Ntuli ezokwethula uxhaso losomabhizinisi abangaphansi koMkhandlu waseKing Cetshwayo. Esithombeni kujlapho ezonika osomabhizinisi abazofuya izimbuzi,

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *