Kubuye ithemba kuRoyal AM idlala ngokulingana ne Chippa

SBU MAMBA

Iqembu lalapha KwaZulu Natal iRoyal AM eliphethwe uMaMkhize liphunyuke enkembeni aliyindawo lizohlala kuDSTV Premiership ngesizini ezayo , iThwihli Thwahla idlale ngokulingana neChilli Boys iChippa United yaqhubeka nokuhlala kunamba 14 futhi ine-goal difference enhle okuchaza ukuthi ayisayi kuma Play-Offs iyolwelwa indawo yokuhlala ku DSTV kodwa abantu ababhekene nesambane iNatal Rich Boys iRichard Bay FC ehleli kunamba 15, iRoyal AM ibisendaweni enhle ku first round kodwa kuthe sekuyophela lesizini zabhimba izinto bekunzima kuThwihli Thwahla ukuthola amaphuzu agcwele uma bengadlalanga ngokulingana bebegugiswa ngompentshisi okwenze ukuthi abantu bacabange ukuthi kungenzeka isinde iRichards bay kube yiRoyal AM elwelwa indawo yayo kuma Play-Offs. 

IRoyal AM ibingagayelwa mphako ngesizini yabo yokuqala bedlala ibhola elinenkosi phakathi umgadli wabo uLetsoalo angalibheki ipali ewaqhulula amagoli waze wabizwa naseqenjini lesizwe iBafana Bafana , izinkunzi zase Soweto iKaizer Chiefs zimfuna uthuli. IRoyal Am yathenga i-Status  sePhunyaselesele iBloemfontein Celtic yathatha konke nabadlali basuka eFreestate bazohlala eKZN izinto zihamba kahle kodwa kulesizini bebethwele uthayela kunomoya kodwa lomphumela ubabeke endaweni enhle sebezokwazi

ukuthola ithuba lokulungisa amaphutha bathole nabadlali abasezingeni eliphezulu

INatal Rich boys iyona ezolwelwa indawo yayo kuma Play-Offs namaqembu agijima  esigabeni esiphansi  ku-NFD ,kuma Play-Offs usuke usunikwa ithuba lokugcina 

lokulwela indawo yakho esigabeni esiphezulu kuPSL uma uzobhala ucishe uhlulwe ukuqoqa amaphuzu ayisithupha noma ngaphezulu udliwa yizembe ubuyele kuMotsepe Foundation, 

amaqembu asethubeni lokungena ku-DSTV Premiership iBaroka FC nePretoria University.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *