Imiphumela yokhetho luka 2024 ikhomba isidingo sikahulumeni wobambiswano

SHEILAMHLONGO

Abenhlangano eyengamele ukhetho kuleli okuyi-Electoral Commision of South Africa (IEC) bethule ngokusemthethweni imiphumelo yokhetho ekhomba ukuthi alikho iqembu elizokwazi ukubusa ngalodwana kuzwe lonke. Lokhu kufakazelwe izinombolo zamavoti aqoqiwe emva kokhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe obelungomhlaka 29 Meyi 2024.

Abe IEC bethule lemiphumela yokhetho kusihlwa ngeSonto lomhlaka 2 Meyi 2024, eMidrand, eGauteng. Ngokusho kwayo lenhlangano yeIEC ithe ukhetho lube olukhululekile nobelungenazo izihibe, nakuba bezikhona izingqinamba kodwa bakwazile ukuzinqoba ezinye zazo.

Lolukhetho obeluthathwa njengolunzima njengoba besiphezulu kakhulu  isibalo samaqembu ezepolitiki abegasele ukhetho, obekuhlanganisa ababengenele ngokuzimela.Lolukhetho luholela umbusweni wesikhombisa emva kokuthi elakuleli selike laba nokhetho izikhawu eziyisithupha selokhu  labuswa ngokwentando yeningi kusukela ngonyaka ka 1994.

Ngenxa yokuba khona kwalabo abebengenele ukhetho ngokuzimela, abantu bakuleli bavote besebenzisa amaphepha amathathu okuvota (ballot papers),okumela uzwelonke, izifunda kanye nezifundazwe. Kanti babalelwa ku 16 million nangaphezulu, abantu abaphumelele ukuvota.

Amaqembu okuyiwona athole amavoti amaningi azokwabelwa ezihlalweni ezingu 400 ePhalamende likazwelonke. Kanti ngalinye iqembu lizothola izihlalo gokwamavoti awo kanjena:

  • African National Congress (ANC) – 159 seats.
  • Democratic Alliance (DA) – 87 seats.
  • uMkhonto weSizwe party (MK party) – 58 seats.
  • Economic Freedom Fighters (EFF) – 39 seats.
  • Inkatha Freedom Party (IFP) – 17 seats.
  • Patriotic Alliance (PA) – 9 seats.
  • Freedom Front Plus (FF Plus) – 6 seats.
  • ActionSA – 6 seats.
  • African Christian Democratic Party (ACDP) – 3 seats.
  • United Democratic Movement (UDM) – 3 seats.
  • African Transformation Movement (ATM) – 2 seats.
  • Al Jama-ah – 2 seats.
  • Build One South Africa (BOSA) – 2 seats.
  • National Coloured Congress (NCC) – 2 seats.
  • Rise Mzansi – 2 seats
  • GOOD Party – 1 seat
  • Pan Africanist Congress of Azania (PAC) – 1 seat
  • United Africans Transformation (UTM) – 1 seat

Uhla lwamaqembu awinile ngokwaphesenti kanye nezihlalo zawo eziShayamthetho zezifundawe zimi kanjena:

  • Eastern Cape – ANC with 62.42% of the vote, 16 seats.
  • Free State – ANC with 52.56% of the vote, 6 seats.
  • Gauteng – ANC with 34.62% of the vote, 17 seats.
  • KwaZulu-Natal – MK Party with 44.91% of the vote, 19 seats
  • Mpumalanga – ANC with 51.31% of the vote, 8 seats.
  • Northern Cape – ANC with 49.47% of the vote, 3 seats.
  • Limpopo – ANC with 73.38% of the vote, 16 seats.
  • North West – ANC 58.29% of the vote, 8 seats.
  • Western Cape – DA with 53.37% of the vote, 14 seats

Amaqembu awinile esigabeni seziShayamthetho sezifundazwe imi kanjena:

  • Eastern Cape – ANC to lead the legislature with 45 seats won.
  • Free State – ANC to lead the legislature with 16 seats won.
  • Gauteng – ANC to lead the legislature with 28 seats won.
  • KwaZulu-Natal – MK Party to lead the legislature with 37 seats won.
  • Mpumalanga – ANC to lead the legislature with 27 won.
  • Northern Cape – ANC to lead the legislature with 15 seats won
  • Limpopo – ANC to lead the legislature with 48 seats won.
  • North West – ANC to lead the legislature with 23 seats won.
  • Western Cape – DA to lead the legislature with 24 seats won.

Uhla oluquketheabaholi abazomela amaqembu abo ePhalamende lwedluliselwe kuMengameli weze uMnu Cyril Ramaphosa khona ngeSonto kusihlwa.SANews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *