UKhumalo ufake uZuma enkantolo efuna kube uyena umholi we MK Party

SHEILA MHLONGO

UMnu Jabulani Khumalo  okunguye owabhalisa iqembu leMK Party ufake lowo owabe enguMengameli wakuleli, uMnu Jacob Zuma eNkantolo Yezokhetho mayelana nezinsolo zokubhaliswa kukaZuma njengoMholi weqembu iMK Party ngaphandle kwemvume yakhe njengomnikazi walo.

Lelicala lingene, eNkantolo Yezokhetho ebihleli eGauteng High Court eGoli, ngoMsombuluko womhlaka 3 Juni, lapha uKhumalo ubephikisa khona ukuthi uZuma unguMhloli woMkhonto weSizwe Party.

Kulelicala uKhumalo usola ukuthi uZuma wafakwa ngendlela yomgunyathi ukuze abe umholi we MK Party, njengoba incwadi eyathunyelwa kwaIEC yabe ingabhalwanga nguye.

UJabulani Khumalo ufuna abe IEC bakhiphe uZuma njengoMholi woMkhonto weSizwe Party, bese kubuyiselwa yena ngoba nguyena owalibhalisa okusho ukuthi elakhe.Kodwa abameli be IEC kanye nabakaZuma bavumelene ngokuthi besingekho isidingo sokuthi uKhumalo afake isicelo esiphuthumayo sokuthi kulalelwe lelicala ngoba ayikho into ejahekile lapha. Kanti futhi Inkantolo Yezokhetho ayingeni ndawo kulelicala ngoba ayinalo igunya lokwahlulela odabeni olumayelana nomgunyathi.

Ummeli kaKhumalo u-advocate Mfesane Ka-Siboto utshele inkantolo ukuthi indodakazi kaZuma uDuduzile Sambudla-Zuma uyena owathumela incwadi ewumgunyathi ku IEC eyabe igunyaza ukuthi uZuma kube uyena ongumholi kanye noMengameli weMK Party aphinde abe ubuso beqembu emaphepheni okuvota.

Eqhuba ummeli kaKhumalo uye waqhathanisa phakathi kwezincwadi ezimbili enye eyabhalwa uKhumalo kanye naleyo yomgunyathi eyathunyelwa kwaIEC, uDuduzile- Sambudla -Zuma,wathi kuyabonakala ukuthi zinomehluko.

Ummeli kaZuma u-advocate Dali Mpofu uye waxolisa enkantolo ngokuthi kuzomoshwa isikhathi sayo, kuthethwa icala elingaphathelene nokhetho kodwa obekumele lifakwe enkantolo emayelana namacala obugebengu njengoba kunezinsolo zomgunyathi.

Khona manjalo uKhumalo uphume ngesamagundwane ejahwa amalunga  oMkhonto weSizwe Party nabangabalandeli bakaZuma, abebefuna ukumudla eluhlaza baze bajikijela imoto yakhe esebaleka kukubi impela.

UZuma naye ube esethola ithuba lokuma ngaphandle kwenkantolo lapho ekhulume khona namalunga eMK Party azifelayo ngaye, ewachazela mayelana nokusuka nokuhlala kodaba lokusungulwa koMkhonto weSizwe Party kanye nenhloso yakhe ngayo, waphinde wachaza ukusuka nokuhlala mayelana nobuhlobo bakhe noKhumalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *