IMeya weTheku yethule umkhankaso wokubungaza inyanga yentsha KwaMashu

SHEILA MHLONGO

IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda wethule umkhankaso wokubungazwa kwenyanga yentsha (Youth Month campaign), ngoLwesihlanu lomhlaka 7 Juni  eKhalipha Special School KwaMashu.

Lomkhankaso wethulwe ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Actively embracing the socioeconomic gains of our democracy’,kuwo lomkhankaso kuzokwethulwa inqwaba yama program okuthuthukisa intsha kuyo yonke inyanga kaJune.

Njengengxenye yomkhankaso wokubungaza intsha iMeya idlulisele umnikelo wezinsiza zokulima, izindwangu,kanye nezimpahla  zokubhaka ezemukeliswe uthishanhloko wesikole

“Ihhovisi lokuthuthukisa itsha elaziwa nge Mayoral Youth Development Office lizoqhubeka nezinhlelo zokuthuthukisa intsha kwinyanga yonke kaJuni, kuze kube ngaphezulu ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha bayathuthukiswa.” kusho iMeya.

Kulomcimbi iMeya ibihambisana noSihlalo we Governance and Human Capital Committee, ukhansela Nkosenhle Madlala. UKaunda  uncome isikole wathi sikhombisa ikhono lomsebenzi wezandla kanye nakwezolimo nakuba abantwana baso bekhubazekile.

“ Siye sabona kungcono ukuthi sethule inyanga yentsha lapha eKhalipha Special School ngoba sibonile ukuthi sinezinhlelo ezibanzi ezisiza ukuqeqesha abafundi ngokwamakhono abawadingayo  afana nezolimo, ukubhaka, kanye nokupheka ukuze abasize bakwazi  ukubamba iqhaza emphakathini abaphila kuwo.” Kusho uKaunda.

Khona manjalo isikole siphinde sahlomula ngesitofu  sohlobo oluphambili esinohhavini wokubhaka.uMeya uKaunda  uphethe ngokuthi; “Siyajabula kakhulu ngalokho osekuzuzwe isikole kusukela silapha ekuqaleni konyaka ngoJanuwari ngesikhathi sethula uhlelo lweBack to School. Lesikole silokhu sikhule njalo, okukhombisa khona ukuthi ukukhubazeka akuyivimbi impumelelo.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *