SHEILA MHLONGO
U-Engen okuyinkampani ezinze kakhulu KwaZulu-Natali isithe yaphuthumisa usizo kubantu abakhahlanyezwe izikhukhula ezishiye isifundzawe sicekeleke phansi.
Emva kwezimvula ezinkulu ebezihambisana nesivunguvungu somoya kanye nemvula enamandla edale ukuthi kube nezikhukhula ezicekele phansi izihlahla, izintambo zikagesi, kanye nemigwaqo. Uhulumeni wesifundazwe ubike ukuthi iningi labantu lelashelwe ukulimala. Kanti amathimba abhekele izinhlekelele asebenze kanzima ehlola ubungako bomonakalo esifundazweni ukuze kutholakale usizo olusheshayo.
Ngenxa yesimo esidalwe yilenhlakelele yesimo sezulu edlule nezimpilo zabantu yacekela phansi kanye nomonakalo omkhulu ocekele phansi ingqalasizinda, inkampani yakwaEngen ngokubambisana nenhlangano iGift of the Givers iphuthumise usizo olusheshayo kwimiphakathi ekhahlamezekile.
ULwethu Mdabula oyi Engen CSI Manager wedlulise amazwi enduduzo emindenini ekhahlamezekile esho, “Sidlulisa ukuzwelana nayo yonke imindeni ekhahlamezekile ngenxa yesigameko esinzima kangaka, UEngen udabuke kakhulu ngokulimala kwabantu okudalwe izikhukhula.”
Ukuletha usizo, uEngen unikela ngezinto ezibalulekile ezihlanganisa izingubo zokulala ezingu 500, omantilasi abangu -500,lokhu okuyizinto ezizosiza ukunikeza intokomalo kwizakhamizi njengoba zibhekene nesimo sokuvuselela kabusha izimpilo zawo.
Konke lokhu, kungenxa yobuhlobo obuhle obuphakathi kwe- Engen kanye nabe Gift of the Givers okudale ukuthi abakhahlamezekile bakwazi ukuthola usizo abaludinga kakhulu.
“Siyethemba ukuthi umnikelo wethu uzokwenza umehluko emindenini,” kusho uMdabula. “Imindeni eminingi ibhekene nobunzima bokwakha kabusha, okungakho kubalulekile ukuthi nathi siyilekelele kulesikhathi esinzima.”
U-Engen uqale ukusebenzisana nabe Gift of the Givers kusukela ngonyaka ka 2019, enikela nge-fuel ukuze kufinyeleleke kalula ezindaweni ezikhungethwe izinhlekelele zithole usizo olusheshayo.
#Engencares