Kuxwayiswa umphakathi  ungasabalalisi ulwazi olungelona iqiniso ezinkundleni zokuxhumana

SHEILA MHLONGO

Inhlangano iSouth African Security Agency (SASSA) isizwakalise ukukhathazeka kwayo  ngomyalezo  okuWhatsApp okhuluma ngolimi lwesiXhosa isabalalisa ulwazi olungelona iqiniso mayelana nokukhokhwa kwemali yezibonelelo.

Kulomyalezo oqoshiwe kuzwakala izwi lomuntu ekhuluma ngolimi lwesiXhosa ethi;

“USASSA uhekhiwe ngakho angeke zikhokhwe izibonelelo njengoba lenhlangano yesaba ukuthi amaqola azophazamisa iSystem. Imali angeke ize ikhokhwe ngisho emabhange, kuze kube isystem isilungisiwe okuyinto eyothatha isikhathi esingaze sibe amaviki amabili. Abantu kumele bazi ukuthi imali yabo boyithola emahhovisi akwaSASSA aseduze nabo, lapho kumele baphathe ama- ID. Ngikhipha lesimemezelo ukwazisa labo abangenayo imisakazo noma uWhatsApp ngoba lokhu kwamenyezelwa kuMhlobo We Nene Radio.”

Qaphelani lesitatimende asilona iqiniso, abantu bayanxuswa bangethuki. Sinxusa abantu bangayinaki levoicenote kodwa balandele amakhasi esocial media kaSASSA, lapho kulotshwe khona ngezinsuku zokuholwa kwezibonelelo.

Njengoba kuyisikhathi sokhetho kukhona abantu asebezama ukufaka itwetwe kulabo abathola izibonelelo kwaSASSA. Isitatimende sakwaSASA siphetha ngokuthi, siqinisekisa abantu ukuthi amasystem abo asebenza kahle kakhulu futhi angeke aphazamiseke, bonke abantu bazothola izibonelelo zabo njengenjwayelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *