Kwehlukene imibono ngohulumeni wobambiswano -Government of National Unity

Isimemezelo sokuthi elakuleli lizobuswa nguhulumeni wobambiswano (Government of National Unity) esikhishwe  uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa  ophinde abe uMengameli weqembu le ANC ,sesiveze ukwehlukana ngemibono ezinhlakeni ezahlukene kuleli okubalwa amaqembu ezepolitiki, abahlaziyi bezepolitiki, abezomnotho, kanye nosomabhizinisi.

Lokhu kwehlukana kwemibono kuza emva kokuthi iqembu leAfrican National Congress (ANC) lehluleke lancama ukuthola amavoti anele angu 2/3rd majority ngesikhathi sokhetho luka 2024 obelungomhlaka 29 Meyi. Lokhu kwaphinda kwengezwa ukuthi kungabikho futhi  iqembu elithola amavoti anele ukuze likwazi ukubusa ngalodwana, ikakhulukazi ezifundazweni ezifana ne Gauteng, kanye naKwaZulu-Natali okuyizona ezidume ngokuba izizinda zomnotho, nakuzwe lonke nakhona akuzange kube khona iqembu elithole amavoti anele, okuyikona kanye okudale ukuthi kube nesidingo sokuthi kufanele wonke amaqembu ezepolitiki abambisane ekubusweni kwezwe.

Iqembu loMkhonto weSizwe Party lona alifuni nakuyizwa indaba yalohulumeni wokubusa ngokubambisana ngoba isola inhlangano ebhekele ukhetho ukuthi ikhwabanise amavoti okwenze yangazwazi ukuthola amavoti anele ukuthi likwazi ukuthola u2/3rd majority ikakhulukazi KwaZulu-Natali  kanye nase Gauteng lapho belibheje kakhulu khona.

Ekuqaleni kweviki iMK Party izwakalise ukuthi izofaka isivimbelo sokuthi kungabikho ukuhlala kwePhalamende lokuqala ngenxa yakho njalo ukuthi isola ukuthi kube nokukhwabaniswa kwamavoti ayo ezindaweni eziningi isho nokuthi akumele lihlale iPhalamende ngaphambi kokuthi kuxazululwe isikhalo salo leliqembu kanye namanye.

Amanye amaqembu amancane okubalwa phakathi kwawo iUDM, wona azwakalise ukuthi akanayo inkinga nokubakhona kukahulumeni wokubusa ngokubambisana inqobo nje uma kuzoba khona uJaji uRaymond Zondo ozokwazi ukuhola izingxoxo zokubonisana phakathi kwamaqembu ehlukene ezepolitiki.

Iqembu le EFF lona belikubeke kwacaca ukuthi alizimisele ukuthi libe nobudlelwane neqembu leDA ngoba liyabona ukuthi lifuna ukubhozomela umbuso.

Khona manjalo kube nombono obuvela kwabanye abahlaziyi okukhombisa ukuthakasela umbono wokuthi iqembu leANC lihlangane nele DA, ngoba lokho kuzokwenza ukuthi kube nozinzo kwezomnotho kanye nabatshali zimali nabo bangakwazi ukuheheka kuqine idolo.

 UMengameli uRamaphosa naye ukhulumile wathi kumele kwenziwe intando yabantu ngoba, noma bona njengabaholi bezepolitiki bethanda noma bengathandi, abantu bakuleli ivoti labo likucacisile ukuthi wonke amaqembu kumele asebenze ngokubamisana njengoba kugekho iqembu elikwaze ukuthola amavoti anele ukuthi libuse ngalodwana, okungakho emuva komhlangano wokubonisana ngaphakathi eqenjini likaKhongolose kube nesinqumo sokuthi kumele  kube nezingxoxo phakathi kwawo wonke amaqembu ukuze kucatshwe indlela ebheke ekutheni kube nohulumeni obumbene we National Unity.

Nokho akuqondakali ukuthi konke lokhu kuyophumelela kanjani uma ngabe iqembu elifana ne MK Party lishaya phansi lithi angeke lizibandakanye nokuvulwa kwePhalamende uma ngabe ingalungiswa indaba yokukhwabaniswa kwmavoti.Nokho asethembe ukuthi sogcina sitholakele isixazululo ngaphandle kwezinkinga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *