Uhla lwamagama osopolitiki lwedluliselwe kuNobhala wePhalamende

SHEILA MHLONGO

Izinto sezimi ngomumo njengoba uhla lwamagama osopolitiki abazoba amalunga eNational Assembly eNingizimu Afrika, selunikezwe uNobhala wePhalamande, uMnu Xolile George.

Loluhla uGeorge ulwemukeliswe uChief Justice Raymond Zondo ngesikhathi kade kubanjwe umcimbi wokwedluliswa kohlu lwamagama obuse Constitutional Court eGoli ngoLwesine lomhlaka 6 Juni 2024.

Ngokusho kwesitatimende se SANews, sithi uSihlalo we Electoral Commission of South Africa (IEC) uMnu Mosotho Moepya uyena oqale wedlulisa uhla lwamalunga ePhalamende kanye nalolo lweziShayamthetho zezifundazwe ku Chief Justice Zondo.

“Njengabantu baseNingizimu Afrika, sikhombise umhlaba wonke  ukuthi nakuba sinezingqinamba eziningi esibhekene nazo, kodwa simile ekuqinisekiseni ukusebenza koMthethosisekelo wethu, futhi sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthuthukisa intando yeningi, lokhu esikwenze ngokuthi sibambe ukhetho olunokuthula nolungenazo izihibe.

Lokhu kuqopha umlando wokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele baziqhenye ngentando yeningi eyithemba lesizwe.”


Impela lesi isikhathi lapho siqophe umlando wokuvuthwa kwentando yeningi, lapho amaqembu ezepolitiki ephoqelekile ukuthi asebenze ngokubambisana ukuze akhe uhulumeni kanye nePhalamende elimele intando yabantu.” kusho uGeorge.

UChief Justice Zondo uthe ukwedluliswa kohlu lwamagama lusuka kwi IEC, luya ku Chief Justice luphetha ngokuthi lwamukelwe uNobhala wePhalamende lusho ibanga esiluhanjiwe intando yeningi kuMthethosisekelo wethu.“

Njengoba manje uhla lwamagama selwaziwa ukuthi obani amalunga ePhalamende, ubani oyobe ekhona ngokuhlala kokuqala. Okulandelayo ukuthi kumenyezelwe usuku lokuhlala kwePhalamde okuyomenyezelwa uChief Justice nokuyinto ezokwenzeka ngolwesihlanu . iJudiciary izoqinsekisa ukuthi uMthethosisekelo wentando yeningi uhamba ngendlela.” Kusho uZondo-SANews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *