![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/image-19.png)
SHEILA MHLONGO
Iqembu loMkhonto weSizwe Party lisola inhlangano ebhekele ukhetho (Electoral Commision) ikanye neNkantolo yoMthetho Sisikelo (Constitutional Court) ngokuziba ubufakazi obukhombisa ukukhwabaniswa kwamavoti ngesikhathi sokuvota ngenyanga edlule.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ebesingeSonto lomhlaka 16 eGoli, lowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma uthe, basazoqhubeka baphindele eNkantolo yoKhetho ukuyophikisa imiphumela yokhetho. Kanti leliqembu liphinde lasola iNkantolo yoMthethosisekelo ngokungathetheli phezulu ubufakazi bayo.
Sahambisa ubufakazi obuphathekayo kwi –IEC obabukhombisa izinto ezenziwa eziphambene ezazisabalele yonke indawo ngokwama system okuvota, kodwa konke lokhu kuwele phansi, senza yonke imizamo yokuthula yokuveza izikhalo zethu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,sadlulela enkantolo ephakeme ezweni, kodwa nayo yasichitha ngaphandle kokuzinika isikhathi sokusilalela, nalapho sachithwa futhi.”Kusho isitatimende sikaZuma ebesifundwa uNhlamulo Ndlela ongumkhulumeli we MK Party
Khona manjalo uZuma uphinde wagcizelela ukuthiiqembu loMkhonto weSizwe angeke lithule nje kodwa lizodlulisa isikhalo salo Enkantolo Yomhlaba (International Court, kuze kube kulalelwa isikhalo sezinsolo zokukhwabaniswa kwamavoti. Uphinde wathi beyiqembu leMK Party sebeyalele abameli babo ukuthi benze konke okusemandleni ukuthi benze isiqiniseko sokuthi kwenziwe ubulungiswa.
UZuma uqinisekise kwabezindaba ukuthi beyiqembu leMK Party basamile ekutheni bafuna kuphinde kuqalwe kubanjwe ukhetho kabusha kuleli ngoba yonke lemiphumela ayikho, futhi abakholelwa nakulohulumeni wobumbano kaRamaphosa neqembu leDA.
Mayelana nokuzibandakanya nokuyothatha indawo yabo ePhalamende kanye nakuziShayamthetho zezifundazwe, iqembu le MK Party lithi lizoya ngenxa yokuthi liyalelwe abameli balo ukuthi lenze njalo.