Uhulumeni usekulungele ukufaka imishini yokugaya amakhadi  elayisense yokushayela

SHEILA MHLONGO

UMnyango wezokuThutha kuleli usukhiphe isitatimende sokuthi sezisemaphethelweni izinhlelo zokulethwa kwemishini yokugaya amalayisense amakhadi okushayela ezweni lonke. Lokhu kuza emuva kokuthi kube nezingqinamba zokuthi kungatholakali inkampani engakwazi ukwenza lomsebenzi.

Ngomhlaka 20 Agasti, 2022 iKhabhinethi yanikeza imvume yokuthi umnyango ungaqhubeka uqale ukuphrojusa ilayisense entsha eyikhadi. Okuyilapho umnyango wabe usuqala umsebenzi wokuthola inkampani ozothenga kuwo imishini.

Ngomhlaka 10 Novemba 2022, umnyango wafaka isikhangiso mayelana nenkampani engaba nomshini wokugaya ilayisense eyikhadi, kodwa engazange iphumelele, okwaphetha ngokuthi ngomhlaka 5 Ephreli 2023 kufakwe esinye isikhangiso sokuthola umshini oyi Turnkey Solution wokugaya iSmart Driving Card lapha eNingizimu Afrika kwi tender portal kahulumeni.

Lebhidi engenhla yaze yavalwa ngomhlaka 5 Meyi 2023, kodwa ngenxa yezingqinamba lebhidi yaqhubeka nokubhekisiswa njengoa kudingeka ukuthi ihambisane nemithetho yezokwenganyelwa kwezimali zikahulumeni ( Supply Chani Management).

Ngokuyalelwa imithetho yokwenganyelwa kwezimali zikahulumeni, umnyango wemukela amabhidi avela kulezinkampani ezingezansi:

  1. Ren-form Corporat Print Media.
  2. Nec Xon Systems (Pty) LTD.
  3. Muehlbauer ID Services
  4. Gemalto Alton Fintech Southern Africa.
  5. Idemia Identity and Security -South Africa.

Njengoba sekusemaphethelweni ukuhlolwa kwe bhidi, umnyango ugcizelele ukuthi ibhidi lena isahlolisiswa okokugcina.

“UMnyango unxusa ukuthi kulindwe kancane njengoba ngokomthetho kumele kuke kubhekisiswe kahle ikomidi elibhekele ezokuthengwa kwempahla kahulumeni (bidding committee).Njengokuyalelwa umthetho wamathenda, umnyango kumele wenze konke kube sobala kungabikho ukusoleka.Okungakho nje umnyango uzokwenza isimemezelo sokuthengwa komshini inqobo nje uma sewaneliseke ngakho konke okufanele.” kuphetha isitatimende. SAnews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *