![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/image-13.png)
SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa,Thami Ntuli uqoke ikhabhinethi lakhe elisha emuva kokuthi efungiswe njengoNdunankulu, uJudge President Thoba Poyo-Dlwathi, emcimbini obubanjelwe ezinkundleni zemidlalo eWoodburn, ePietermaritzburg ngaphansi kwesifunda uMgungundlovu, ngoLwesibili lomhlaka 18 Juni 2024.
Eqeda ukufungiswa njengoNdunankulu uNtuli ube esememezela amalunga ekhabhinethi lakhe elisha, okulandelwe ukuthi nawo afungiswe ngokwezikhundla zawo.
UNdunankulu uNtuli ube esenxusa amalunga ekhabhinethi lakhe ukuthi abeke phambili abantu baKwaZulu-Natali, nakuba azi ukuthi ngaphambi kokhetho bebekhankasa besebenzisa ama-manifesto abo ngokwehlukana kwamaqembu abangaphansi kwawo,wathi manje sekumele basebenzele ukwakha kabusha isifundazwe saKwaZulu-Natali
Kuzokhumbuleka ukuthi iKwaZulu Natali ibuswa uhulumeni wobumbano njengoba kungekho iqembu elithole amavoti anele ukuthi lingakwazi ukubusa ngalodwana emva kokhetho olube ngomhlaka 29 Meyi, okungakho ikhabhinethi lixube abaholi bamaqembu ehlukene ezepolitiki okubalwa ele-ANC, IFP,kanye nele DA
Limi kanjena ikhabhinethi laKwaZulu-Natali:
1. Mfu Musa Zondi – EzokuThuthukiswa koMnotho nezeMvelo
2. Mfu Thulasizwe Buthelezi – ezoHulumeni baseKhaya nobuHoli boMdabu (Cogta)
3. Nksz Nomagugu Simelane – EzeMpilo
4. Mnu Lucas Meyer – eZemisebenzi yoMphakathi
5. UNkk Thembeni Madlopa – Ezolimo
6. Mnu Sipho Hlomuka – EzeMfundo
7. Nkk Mbali Shinga- ezokuThuthukiswa koMphakathi
8. Mnu Francois Rogers – EzeziMali
9. Mnu Siboniso Duma – EzokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu
10. NowezoBuciko, amaSiko nemiDlalo – Mnu Mntomuhle Khawula