UShoprite usethumele usizo olusheshayo kubantu abakhahlanyezwe izikhukhulu

SHEILA MHLONGO

UShoprite usethumele usizo olusheshayo emiphakathini ekhahlanyezwe izikhukhula ezingxenyeni zeKwaZulu-Natali kusukela ngoMsombuluko.

Zibalelwa ku 40,000 izisulu zezikhukhula ezithola usizo lokudla okuphekiwe okuhanjiswa nge Shoprite Mobile Kitchen. Nsuku zonke imiphakathi yasoThongathi kanye nase Newcastle  ithola isobho elishisayo kanye nesinkwa.

Lemiphakathi iphinde ithole amakhulu oblenkethe okuyizingubo zokulala kanye namaphasela ahlanganisa insipho, amathawula okugeza (face cloths) izixubho (tooth brushes) umuthi wokuxubha, kanye neloshini yokugcoba umzimba, kunikezwa imindeni ekhahlamezekile. Konke lokhu uShoprite ukwenza ngokubambisana nenhlangano iGift of the Givers.

“Silokhu sixhumene nezinhlaka ezahlukene ezibhekele ukusiza ezinhlekeleleni ukuze sibone ukuthi ingabe iluphi usizo oludingekayo, nokuthi singasiza kanjani. Kusho  uSanjeev Raghubir, oyiChief Sustainability Officer yakwa -Shoprite Group. 

Kanti amakhasimende angaba nothando lokwelula isandla ngeminikelo yokudla okungaboli (non perishable) angakufaka ezinqoleni ezitholakala ngaphakathi ezitolo zakwa Shoprite kanye neShoprite supermaket, KwaZulu-Natali, noma kunikelwe ngemali engango R5 kwi-#ActForChange Fund, kuma thili azozonke izitolo zakwa Shoprite, Checkers kanye no Usave supermakets ezweni lonke. Yonke imali yomnikelo efakiwe iyokwedluliselwa kwinhlangano iGift of the Givers ukuxhasa imizamo yokusiza izisulu ezweni lonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *