SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa, Thami Ntuli, ekanye neKhabhinethi lakhe bahambele Isilo Samabandla, uMisuzulu kaZwelithini, ezindlini zesiShayamthetho ezindala ezis’Olundi, ngoMsombuluko womhlaka 25 Juni 2024.
Kuloluhambo lokuyohlangana neSilo, bekukhona noNdunankulu kaZulu uMhlonishwa uThulasizwe Buthelezi, onguNgqongqoshe, owengamele uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu.Inhloso yomhlangano bekungukwethula ikhabhinethi laKwaZulu-Natali phambi kweSilo.
“Ngithokoza kakhulu ukuthola lelithuba lokuzokwethula ubuholi obusha bukahulumeni waKwaZulu-Natali phambi kweSilo Samabandla, okunguSomlomo, nePhini lakhe, kanye noNgqongqoshe beminyango ehlukene lokhu sikwenza ngoba siyaqonda umsebenzi omkhulu ophambi kwethu wokuthi sisebenzele abantu baKwaZulu-Natali.” Kusho uNdunankulu uNtuli.
Eqhuba uNdunankulu uthe lomhlangano uwuphawu lokuzibophezela kukahulumeni wesifundazwe ukusebenzisana nobuKhosi bukaZulu, njengoba iKwaZulu-Natali ingaphansi kweSilo. UNtuli uphinde wagcizelela ukubaluleka kokusebenzisana neSilo ukuze kuthuthukiswe izimfuno zabantu baKwaZulu-Natali.
UNdunankulu uNtuli uthe uyabuthemba ubuholi bekhabhinethi yakhe njengoba buza nolwazi olunzulu lokuthuthukisa iminyango yabo, njengoba buzosebenzela ukuyisa isifundazwe phambili.
UNdunankulu uphinze waveza ukuthi ukuhlangana kwabo neSilo Samabandla, ezindlini zesiShayamthetho ezidala akuhlangene nokuthi kungenzeka isiShayamthetho sithuthelwe Ondini nakuba izingxoxo zona kufanele ukuthi ziqhubeke zingazitshwa.
“ Nakuba kuzokwenzeka ukuthi kube nezingxoxo mayelana nokuthuthelwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natali, Olundi kodwa akuyona into engase yenzeke maduzane. Kusho uNdunankulu uNtuli.
UNdunakulu uNtuli uphinde wabalula ukuthi iKwaZulu-Natali inomlando omuhle njengoba uNdunankulu kaZulu ongasekho uMntwana waKwaPhindangene uPrince Mangosuthu Buthelezi kwaba nguyena wokuqala ukwengamela uhulumeni waKwaZulu Natali, kanye nokuba uNdunankulu weSilo,Samabandla esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu, iminyaka eminingi.