Qaphelani amaqola asebenzisa ibhange le Capitec kanye ne WhatsApp

Bantu bakithi sanibonani , nasi isexwayiso esiphuthumayo. Kunohlobo lobuqola olusha la ezinkundleni zokuxhumana qaphelani, kunabantu abakwazi ukuthola inombolo yakho kawhatsap bathole namagama wabantu okhuluma nabo nendlela enibizana ngayo bese basebenzisa enye inombolo bazenze umuntu omaziyo bacele usizo bathi kunemali abazokuthumela yona ngebhange leAbsa bacela ubathumele yona  ngoCapitec mangabe unayo bese wena uyokhipha leyo uzithathele yona bathi uthathe uR50 uzithengele okufunayo . 

Uyothi usubafakele leyomali ufike emshinini uthole ukuthi leyonombolo abakunike yona ayisebenzi usudliwe kanjalo. Qaphelani sebelimele abaningi ngalohlobo lobugebengu . 

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *