Sikhulile isibalo samaqembu asayinde isivumelwano kuhulumeni wobumbano kuleli -GNU

Nakuba uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa engakawaqoki amalunga ekhabhinethi lakhe kulombuso wesikhombisa (7), emva kokhetho luka 2024, ngenxa yokuthi kuye kwaba nesidingo sokuthi elakuleli kumele libuswe ngokubambisana kwamaqembu epolitiki ehlukene, nakho lokho okudalwe ukungabibikho kweqembu elakwazi ukuthola amavoti enele ukuthi akwazi ukubusa ngawodwana.

Emva kokhetho uMengameli uRamaphosa uye wamemezela ukuthi njengoba iqembu leANC lingakwazanga ukuthola amavoti avuna ukuthi ibuse ngayodwana njengoba bekwenzeka eminyakeni engamashumi amathathu edlule, manje sekuzodingeka ukuthi kubunjwe uhulumeni wobumbano, (GNU)

Nakuba ekuqaleni kuke kwaba nongabazane emaqenjini amaningi kodwa amaqembu afana nawe Democratic Alliance (DA) Inkatha Freedom Party (IFP), Patriotic Alliance (PA) ne Good Party  iwona aphumela obala aseka lombono kaRamaphosa ne ANC, okuthe ngokuhamba kwezinsuku kwabonakala namanye amaqembu aqala kancane asondela njengoba manje esefinyelele kwayishumi (10).

Kamuva lolumbimbi lwamaqembu asephinde ajoyinwa amanye futhi okubalwa kuwo, ele Freedom Front Plus (FF+),United Democratic Movement (UDM),Rise Mzansi, Al Jama-ah, kanye ne Pan Africanist Congress of Azania (PAC).

Abalelwa ku 18 esewonke amaqembu ameleleke ePhalamende kanti abalelwa kwisishagalombili amaqembu asasele ngaphandle kulohulumeni wobumbano we GNU onamaqembu alishumi, anezihlalo ezibalelwa ku 287 kwezingu 400 sezizonke.

Okwamanje kubonakala amaqembu aphikisa lohulumeni wobumbano eyishumi (10) kanti wona anezihlalo ezibalelwa ku- 113. Phakathi kwalamaqembu aphikisayo kubalwa okuyilo elihamba phambili uMkhonto weSizwe Party (MKP), Economic Freedom Fighters (EFF), African Transformation (ATM), nele United African Transformation (AUT).

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli wezwe uMnu uRamaphosa wakhethwa amaqembu ehlukene ezepolitiki ePhalamende ngomhlaka 14 Juni 2024 ukuze abambe ihlandla lesibili kulesikhundla sobuMengameli, yena ke uMengameli kulindeleke ukuthi akhethe ikhabhinethi lakhe elizobe lixube  amaqembu ehlukene ombimbi lukahulumeni wobambiswano (GNU), nakho okuzoya ngobungako bamaphesenti amavoti abanawo njengoba kulotshiwe ngezansi:

PartyNational Assembly seatsGNU bloc share
ANC15955%
DA8730%
IFP176%
PA93%
FF +62%
UDM31%
Rise Mzansi2>1%
Al Jama-ah2>1%
GOOD1>0.5%
PAC1>0.5%
Total287 

Nakuba wonke lamaqembu angenhla esengenile kuhulumeni wobumbano kodwa kuzwakala sengathi lisekhona ithuba kulawo maqembu asengaphandle afisayo ukujoyina, nakuba ke kunemiqathango ebekiwe okuyiyo ezolawula ubulunga bamaqembu azongena.

Umbuzo osele manje ilona wokuthi kazi uMengameli uzoliqoka ngaluphi usuku ikhabhinethi lakhe noma usalinde amanye amaqebu, nokuthi kazi ungakanani umehluko esizowubona eNingizimu Afrika njengoba sesizobuswa uhulumeni wobumbano.

Nokho kuthiwa ithemba alibulali, nathi bantu baseMzansi asethembe ukuthi izinto ezifana nobugebengu, inkohlakalo kuhulumeni , ukungalethwa kahle kwezidingo kubantu , kanye nenkinga ehamba phambili kuleli yokucishwa kukagesi kanye nokushoda kwamanzi sekuzoshabalala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *