Uhulumeni wobumbano uzokwenza ngcono izimpilo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika

SHEILA MHLONGO

Uhulumeni wobumbano (GNU) eNingizimu Afrika uzimisele ukwenza ngcono izimpilo zabo bonke abantu, aphinde futhi udale amathuba emisebenzi. Lokhu kushiwo uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, ngemuva kokufungiswa esikhundleni sakhe, ngoLwesithathu lomhlaka 19 Juni 2024, eUnion Building ePitoli.

“ Sifuna ukudala amathuba emisebenzi. Ngizoqinisekisa ukuthi wonke umuntu okuhulumeni wobumbano (Government of National Unity) uyakwenza lokhu.” kusho uMengameli uRamaphosa phambi kwezihlwele ebezathamele umcimbi wokufungiswa kwakhe,obekuyi hlandla lesibili kuhulumeni.

“Namuhla sivula ikhasi elisha emlandweni wezwe. Sizoba nohulumeni wobumbano (GNU) lapho sizosebenza khona ngokubambisana ukuze sibhekele izidingo zabantu. Asingesabi ngalokho okuzokwenziwa uhulumeni wobumbano.”

UMenegameli uphinde wamema wonke amaqembu angaphansi kwe GNU ukuthi asebenze ngokubambisana ukwenza ngcono izimpilo zabantu,waqhuba wathi abantu baseNingizimu Afrika abanikanga iqembu elilodwa amandla okwengamela uhulumeni. Abantu bakuleli bafuna uhulumeni wobumbano ukuthi kube uyena ohola lelizwe.

Ukugcotshwa kukaMengameli uRamaphosa kuqondane nokubungazwa kweminyaka engamashumi amathathu (30) iNingizimu Afrika yathola inkululeko kanye nombuso wentando yeningi.SANews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *