![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/image-27.png)
SHEILA MHLONGO
Emva kweminyaka eminingi uhulumeni waseNingizimu Afrika esebenzisa uhlelo lomazisi (ID) abayibhuku elubuhlaza, uMnyango wezaseKhaya usememezele ukuthi usuqala izinhlelo zokuqeda ngaloluhlobo lukamazisi.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi uNgqongqoshe uDktl Aaron Motsoaledi unxenxa abantu bakuleli ukuthi baphuthume bashintshe omazisi babe amakhadi (Smart ID cards), ngoba sekuseduze ukuthi kumenyezelwe ukuqedwa kwebhuku likamazisi.
Uhlobo olusha lukamazizisi owaziwa ngele Smart ID Card lasungulwa ngonyaka ka 2013, kanti sebebalelwa ku 21 million abantu bakuleli asebenalo loluhlobo lukamazisi.
“Manje sesifuna ukuluqenda nya loluhlobo lomazisi abangamabhuku aluhlaza ngoba sesiside kakhulu lesikhathi sivumele ukuthi kusetshenziswe izinhlobo zomazizi ezimbili ngesikhathi esisodwa.Kungekudala kuzophuma isimemezelo sokuthi umazisi oyibhuku awusasebenzi. Kusho uNgqongqosho uMotsoaledi.
Ubuhle bokusebenzisa umazisi oyi Smart ID Card
NgokoMnyango wezaseKhaya uthi ukusebenzisa iSmart ID Card kusiza ukwehlisa amathuba okuntshontshwa kwayo kuphinde kuvimbe ubugebengu obumayelana nezincwadi zokushayela, ubuqola obumayelana nesibonelelo sikahulumeni, kanye nobugebengu obumayelana nomshwalense, ngoba lelikhadi linento eyiChip egcina yonke imininigwane yomnikazi ehlanganisa ama finger print kanye nesithombe sobuso bomnikazi.
UMnyango wezaseKhaya usuwenze kwabalula kakhulu ukufaka isicelo sikamazisi kunakuqala njengoba umuntu useyakwazi ukusifaka online, lokhu okusiza ukuthi umuntu angalibaziseki kolayini abade. Okuthi uma umuntu eselanda iSmart ID bese eshiya umazisi wakhe omdala kwaHome Affairs.