Zilinganiselwa ku R1,3 billion izindleko ezidalwe izikhukhula KwaZulu-Natali  

SHEILA MHLONGO

Sekuqalile ukubonakala ubungako bezindleko njengoba kuqhubeka ukuhlolwa komonakalo odaleke emuva kwezikhukhula ezinamandla  ezifundeni eziyisithupha komasipala baKwaZulu-Natali. 


Ngokwesitatimende esivela kwaSAnews, sithi okwamanje umonakalo ubalelwa ku R1,3 billion wamarandi kuso sonke isifundazwe, kuhlanganisa noMasipala weTheku, uwodwa nje izindleko zawo ezibalelwa ku R480 million.

Kanti ukuhlolwa okuqhubekayo kona kubonisa ukuthi ibalelwa ku 7,000 imizi ethintekayo, kube izikole ezibalelwa ku 20 ezasala zibhidlikile,imigwaqo, amabhuloho, amahholo emiphakathi, kanye nezingqalasizinda zikagesi eziye zakhahlamezeka.

Kusukela  ngesikhathi sezikhukhula esedlule nemiphefumulo ebalelwa ku 12 yonke, uhulumeni ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene basebenze kanzima bedlulisa iminikelo kusizwa kwezisulu ezisale dengwane.

Kusukela ngomhlaka 13 Juni uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngokubambisana nezinhlangano ezingezi inzuzo (NGO’s) uhambise izimpahla zokwakha zokusiza amakhaya abalelwa ku 674 asendaweni yaseMagwaveni, eThogathi 

Kwathi uMnyango wezaseKhaya wona wahambisa amahhovisi angomahamba nendlwana amabili endaweni yaseMagwaveni, ngenhloso yokuyosiza izisulu ezilahlekelwe omazisi bazo, ukuze zibhalisele abasha. Lamahhovisi angomahamba nendlwane azohanjiswa ezindaweni ezingama shelter ukuze kungabikho noyedwa umuntu osala enganawo umazisi.  

ISASSA yona ihambise izinhlobo ezahlukene zosizo,kanti  sekuhlolwe abangaphezu kuka 3,400 abadinga usizo lwama vawusha (Social Relief of Distress food vouchers). Izisulu zaphinde zaphiwa ukudla okuphekiwe okungu-2000 nsuku zonke kusukela ngomhlaka 4 Juni. Bangaphezulu kuka 1,200 omatilasi kanye nobhulankethe ababalelwa ku 1,700 abanikelwe kwizisulu.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *