![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/ISICATHAMIYA-AWARDS-PIC-2-1024x683.jpg)
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/ISICATHAMIYA-AWARDS-PIC-3-1024x683.jpg)
SIPHO CHULE
Kulonyaka imali ebekiwe ingaphezulu kuka-R60 000 kulabo abazodla umhlanganiso. Ukungenela ama-Awards kumahhala bese ukungenela isiteki kanye no swenka/nobuhle bona bangena ngemali njengoba beyojajwa bukhoma amajaji. Kulonyaka amaqembu azoqhudelana azobe ebanga-R40,000 ozocazwa amaqembu amahlanu azohamba phambili, ukungenela isiteki kungenelwa ngo R1,500. Nalabo abafisa ukungenela uswenka noma unobuhle bazobanga isamba sika-R10 000, ukungenelakhona u-R300.
Abuyile ama SIP Isicathamiya Awards ka 2024 njengoba imingenelo yakulonyaka seyivuliwe kuze kuba sekupheleni kuka-July.
Kulonyaka mabili ama category azovotelwa abalandeli, lawa azovotelwa ozawina khona uzathola umklomelo ka-R5000, ohamba nendondo. Ama category azavotelwa ilawa, umsakazi ovelele kwabashayela isicathamiya (Best Isicathamiya Radio presenter) kanye neqembu elihamba phambili ngokwesekelwa abalandeli (Best Isicathamiya Group). Ukungenela kuma hhala, okwenzayo ukuba ugcwalise ifomu bese ulithumela ngo-WhatsApp noma nge-Email.
Kulonyaka kulama awards kuzaphinde kuhlonishwe iqembu leKholwa Brothers ngeqhaza lalo ekukhuliseni nase kuqhakambiseni umculo wesicathamiya njengoba selihambele amazwe amaningi ukuyocula. Umsunguli wama SIP Isicathamiya Music Awards uMnu. Saziso Dlamini uthi, “Iqembu i-Kholwa Brothers likhombise ukuthi umculo wesintu nawo ungakwazi ukuthi ukubeke ebalazweni njengoba kwenzeka. Leliqembu ngonyaka owedlule belimele i-Ningizimu Afrika ngalo mculo phesheya kwezilwandle kwelaseSouth Korea. Ngakho sibone kubalulekile ukuthi sibahloniphe siphinde sibahalalisele ngomsebenzi omuhle abawenzayo ukuthi baqhakambise lomculo”
Ukuze uthole i-Form xhumana nathi ngo WhatsApp: 078 315 4820 noma nge email: sipinfortainment@gmail.com. Ukungenela kuyavalwa ngomhlaka 30 July kodwa uma kufika esibalweni esithile ngaphambu kwalokho ukungelela kuyovalwa singakafiki isikhathi. Labo abafisa ukungenele bayanxuswa ukuthi bangenele kusenesikhathi ngoba izikhala zinenani elithile okungeke kweqiwe kulona.