Kukhonye iOrlando Pirates kowe PSL AWARDS 2024 

SBU MAMBA

Uhambe kahle umcimbi we PSL AWARDS , uvulwe ngokusemthethweni usihlalo we PSL uMnumzane Irvin Khoza , uKhoza udlulise ukubonga ukusebenza ngokubambisana nabaphathi bamakilabhu, abadlali nonompempe kulesizini ephelile , ubese edlulisa amazwi okubonga kubaxhasi beDSTV  Premiership / MTN 8 , Nedbank Cup neCarling Black Label uthe nje Izandla zedlula ikhanda uthe ukufaka kwabo isandla kulemiqhudelwano kukhulisa ibhola laseNingizmu Africa futhi yikho kanye okwenze lesizini yaba yimpumelelo.

Emuva kwenkulumo kasihlalo wePSL kubese kuqala umcimbi wokuklonyeliswa kwabadlalli abashaye into ecokeme kulesizini esanda kusongwa. Kulokhu bekubhoke abadlali bePirates bezitamuzela imiklomelo ,yebo uRonwen Williams uyena okhale wemuka nomklomelo omkhulu we PSL Footballer of the Season neGoalkeeper of the Season kodwa inkunzi kube uPatrick Maswanganyi okhale wemuka nezindondo ezintathu netshe lemali uR400 000 , lenjini yeOrlando Pirates edlala ibhola elinenkosi phakathi iqale ngendondo yeDSTV Premiership Players Player of the Season , Nedbank Cup Player of the Season , Dstv Premiership Midfielder of the Season . Insizwa esencane ye Pirates uRelebogile Mofokeng isilomo esisha sabalandeli beZimnyama naye umfana ugile izimanga kulomcimbi uqale ngendondo yeDSTV Young Player of the Season wabuye wakhala wemuka nowe Nedbank Cup Young Promising Player of the Tornament. Akagcinanga lapho Amabhakabhaka unozinti wabo obe nesizini enhle uSipho Chaine ugoduke nomklomelo weMTN 8 Last Man Standing , Umgadli wezimnyama uTsegofatso Mabasa oshaye amagoli awu 16 kulesizini uhlomule ngowe DSTV Premiership Top Goal scorer of the Season kanti isitobha sezakaMagebhula uThabiso Lebitso owashaya inguzunga yegoli ku Soweto Derby uhambe nendondo ye DSTV Goal of the Season.

Amasandawana iMamelodi Sundowns ethathe isicoco seligi nayo igile izimanga umqeqeshi wayo ugoduke nowe PSL Coach of the Season wehlule uSteve Barker weStellenbosch no Jose Riviero wePirates kuphinde kwaba yisitobha seKabo Yellow uGrant Kekana othatha indondo yeDSTV Defender of the Season.  

Uhla lwabahlabane ngemiklomelo kuma-PSL Awards Lumi Kanje :

MTN 8 Last Man Standing: Sipho Chaine (Orlando Pirates)

Nedbank Cup Most Promising Player: Relebogile Mofokeng (Orlando Pirates)

Nedbank Cup Player of the Tournament: Patrick Maswanganyi (Orlando Pirates)

DStv Diski Challenge Player of the Season: Ntando Nkosi (Mamelodi Sundowns)

DStv Diski Challenge Top Goal Scorer: Thabang Mahlangu (SuperSport United)

Motsepe Foundation Championship Top Goal Scorer: Prince Nxumalo (JDR Stars)

DStv Premiership Goalkeeper of the Season: Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns)

DStv Premiership Defender of the Season: Grant Kekana (Mamelodi Sundowns)

DStv Premiership Midfielder of the Season: Patrick Maswanganyi (Orlando Pirates)

DStv Premiership Young Player of the Season: Relebogile Mofokeng (Orlando Pirates)

DStv Premiership Top Goal Scorer: Tshegofatso Mabasa (Orlando Pirates)

DStv Premiership Player’s Player of the Season: Patrick Maswanganyi (Orlando Pirates)

PSL Footballer of the Season: Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns)

DStv Premiership Coach of the Season: Rhulani Mokwena (Mamelodi Sundowns)

Unondweba wonyaka: Sikhumbuzo Gasa

Umsizi kanondwena wonyaka: Romario Phiri

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *