OWAMI THABETHE
UMasipala weTheku usekhiphe isitatimende lapho enxusa amaqembu ezepolitiki ukuba akhiphe izingqwembe zokukhankasela ukhetho, ezigxobeni zikagesi emgwaqeni kanye nanoma iyiphi ingqalasizinda ka Maspala.
Lokhu kulandela isinqumo soMkhandlu owasithatha ngoDisemba nyakenye sokweluleka amaqembu ezepolitiki ukuba asuse izingqwembe zokhetho noma ahlawuliswe u R1 192 uqwembe ngalunye.
UPhiko lweDevelopment Planning Environment and Management ngesikhathi sokhetho yaxegisa izidingo ezithile ngomoya wokuthuthukisa intando yeningi.
Okhulumela i General advertising ophikweni lokuhlelwa kweNtuthuko U Sagrein Naicker uthe “Uma amaqembu ezepolitiki ehluleka ukususa izingqwembe ngesikhathi esibekiwe u Masipala uzozisusa bese ehlawulisa iqembu lezepolitiki ngokwesibalo sezingqwembe ezisusiwe” kusho u Naicker.
IMenenja yeTheku u Musa Mbhele unxuse amaqembu ezepolitiki ahambisane nemithetho kaMaspala zingakapheli izinsuku ezu 30. “ silawulwa isinqumo somkhandlu Mayelana nokususwa kwezingqwembe zokhetho. Lokhu kuzosiza nasekugcineni idolobha lethu lihlanzekile njengoba ezinye izingqwembe zilenga ngokungafanele” kusho umbhele