![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-5.png)
SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku usekulungele ukwemukela, izinkumbi zabahambeli bomjaho omkhulu wamahhashi eAfrika owaziwa nge Hollywoodbets Durban July ozobe ubanjelwe eGreyville Racecource, ngomhlaka 6 Julayi.
Ngokwesitatimende sabezindaba esikhishwe uMasipala weTheku, sithi kulindeleke abavakashi ababalelwa ku 45,000 abazotheleka edolobheni,nokuzoholela ekutheni kuhlomule nabasendimeni yezokuvakasha. Kanti isiqubulo salonyaka sithi “Ride The Wave” kulomjaho kuzobe kugabavula amahhashi kanye nababukisi bengqephu.
Lomjaho wamahhashi ohambisana nombukiso wengqephu wethulwe ngomhlaka 3 Julayi, kuFlorida Road’s Gordon Park nokulapho uMasipala weTheku ebememe abezindaba ngenhloso yokwethula izinhlelo ngokuzobe kwenzeka.
Abebemele iHollywoodbets and Gold Circle bezwakalise ukuthi bayajabula kakhulu ngoba wonke amalungiselelo aqhubeka kahle kakhulu.
Usihlalo we Economic Development and Planning Committee, ukhansela Thembo Ntuli uthe,ezokuphepha sezimi ngomumo ukuqinisekisa ukuthi zonke izinhlelo zomcimbi aziphazamiseki.
“Amaphoyisa kaMasipala azobe ekhona kuzo zonke izindawo ezizungeze iGreyville lapho ayobe esebenzisana nezinye izinhlaka zezokuphepha. Zonke izintuba zemigwaqo zizobe ziqashiwe ukulawula ukuhamba kwezimoto, kanti eminye iyobe ivaliwe.”Kusho uNtuli.
Ukhansela Ntuli uqhube wathi kulindeleke ukuthi lomjaho ube nomthelela omuhle kwezomnotho edolobheni iTheku, lokhu okudalwa imicimbi ehlukene ezobe iqhubeka ngalempelasonto, imali okulindeleke ukuthi ingeniswe ilomcimbi ibalelwa ku R271 million, kube noR670 ozongena kwi GDP yeTheku kanye namathuba emisebenzi ebalelwa ku 5000.
UNtuli uphinde wagqamisa nempumelelo yohlelo lwe Durban Fashion Fair (DFF) olulokhu luqhubeke njalo nokukhiqiza abasiki bengqephu abasezingeni.
“Kulonyaka babalelwa ku 9 abasiki bengqephu bethu abazobe bebukisa ngemisiko esezingeni kuzihambeli zomjaho.” Esho.
Ngaphezu kwalokhu abalelwa ku-6 ama –models aqeqeshwe ngaphansi kwaloluhlelo lukaMasipala abazobe bebukisa ngezingubo zabasiki bengqephu kuwo lomjaho.
Ngesikhathi kwethulwa lomjaho abasiki bengqephu abangaphansi kwe DFF bake bathi ukukhangisa ngemfashini eyobe ibukwa ngosuku lomjaho.
Eminye yemicimbi ezobe idonsa abahambeli bedolobha kulempelasonto kubalwa ehlelwe abe-Fact Durban Rocks, Any Given Sunday, Anywhere in the City, eKasi Durban July, Mojo’s July Weekend, eThekwini Jazz Jam, Artizen Durban July, White Party Lifestyle Excursion neminye emingi.