![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image.png)
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-1.png)
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe nakuba amaphoyisa esekulungele ukulwa nobugebengu kodwa kungumsebenzi wezakhamizi ukuthi nazo zibambe iqhaza ekulweni nezenzo zobugebengu ezindaweni ohlala kuzo.
UNtuli ubekhuluma ngaphandle kwehholo ledolobha laseThekwini ngoMsombuluko ngemuva komviliyelo wamaphoyisa obekuhloswe ngawo ukwethula umkhankaso wokulwisana nezenzo zokuhlukumeza ngokobulili, (GBV and Femiside) kanye nobugebengu bokubulawa kwabantu emphakathini, lapho uNdunankulu enxuse amaPhoyisa ukuthi ahloniphe aphinde avikele umphakathi.
“Uma ungadlali indima yakho ungalindeli ukuthi abanye balwe nobugebengu egameni lomphakathi wakini ngoba sinombono wokuthi sifuna ukuhlala kumuphi umphakathi. Intombazane nowesifazane akumele besabe ukuhambahamba emgwaqweni kwamakhelwane ebusuku,” kusho uNtuli.
UMnyango wezokuPhepha kanye nokuXhumanisa uMphakathi, uzoba ngaphansi kwehhovisi lakhe uNdunankulu.
Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ubike labo abaphethe izibhamu ezingekho emthethweni. UNtuli uqhube wathi ukholelwa ekutheni abantu abanalezi zibhamu abazisebenziseli ukuzivikela kepha bazisebenzisa nezinhloso zabo ezithile.
IPhini leMeya yeTheku, ukhansela Zandile Myeni, linxuse abomthetho ukuba babe yizithunywa zoguquko ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane.
“Abesilisa mabayeke ukuhlukumeza abantu besifazane. Njengezikhulu zomthetho kungaba kuhle ukuthi uvule igumbi futhi ufundise ozakwenu okuhlanganisa nabafikayo,” kusho uMyeni.
UNtuli uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi isiteshi samaphoyisa eNanda sisaqhubeka nokuqopha isibalo esiphezulu samacala ahlobene ne-GBV, njengoba ebelelwa ku-641amacala abikwa phakathi kuka-April 2022 No March 2023. Ufanise abahlukumeza abantu besifazane njengamagwala angenabo ontanga.