![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/NARE.jpg)
Sanbonani bantu bakithi , ngicela nje ukunikhuthaza ngento encane enganakekile kodwa ebalulekile, Amahloni . Kuyingozi kulomhlaba ukulahlekelwa ngamahloni usaphila . Wazibona ungasenamahloni wazi usulimele cishe ufana nabangasekho ube usadla nhlamvana . Umuntu ongenamahloni akesabi nokwenza izinto ezishaqisa umzimba eziyihlazo phambi kwabantu.
Mungasenamahloni awubinandaba noma wenza ihlazo ukuthi engabe abantu bathini futhi ungasihudulela phansi nesithunzi somndeni wakho ngamahlazo. Umuntu ongenamahloni uyingozi nakuyena uqobo ngoba angenza izinto ezibhedayo eziyokwenza abantu bangakwazi nokumsiza mhla wavelelwa yinkinga . Qaphela uma usaphila kulomhlaba angakulahlekeli amahloni
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare