USbusiso Msomi(24) waseNdwendwe ozinze endaweni yase Nanda enyakatho yeTheku owaziwa ngelika Vocalwise osendimeni yomculo we Hip-Hop ayiqala ngonyaka ka 2019 eqeda umatikuletsheni unesifiso sokuduma kakhulu endimeni yomculo.
“Sengike ngakhipha I EP engangiyenza noSameqing(Ujeke Ep) ne Mix tape Isqalo mixtape. Njengamanje ngiphusha ingoma no Musiholiq igama layo uGODO futhi ihamba kahle kakhulu” kusho u Sbusiso.
Isifiso sakhe ukuthi abantu abamulandelayo bengapheli amandla baqhubeke nokumeseka. Ephetha inkulumo yakhe uthe engakujabulela uma abantu bemusize adume kakhulu ngomculo wakhe.
Umuntu ofisa ukuzwa umculo wakhe uyatholakaka ezinkundleni zomculo njengo Spotify, Apple music no Youtube. Ezinkundleni zokuxhumana uyatholakala ku Facebook njengo SA Vocalwise naku Instagram (vocalwisesa) uyatholakala naku Whatsaap : 067 045 2752