![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-21.png)
OWAMI THABETHE
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uthi kunqandwe ukusha eShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali namaphethelo.
Imililo equbuke ngeSonto eledlule ishiye kucekeleke phansi imizi eminingi, kwabulawa imfuyo kwacekelwa phansi nezinye izingqalasizinda.Umuntu oyedwa kuqinisekiswe ukuthi ushonile. Okhulumela iCOGTA uNonala Ndlovu uthi imbangela yomlilo ayikacaci.Ibalelwa ku 80 imizi ethintekile ngomlilo
“Ngokwemininingwane esemapulazini asinazo izinombolo eziqondile kodwa siyazi ukuthi amapulazi aseKokstad nawo athintekile ngenxa yokusha futhi inqwaba yomkhiqizo yalahleka ngaleso sikhathi. Asinaso isiqiniseko ngenani lemfuyo ngoba ukuhlolwa kusaqhubeka. Kodwa siyazi ukuthi kukhona ukulahlekelwa okukhulu okwenzekile. Umnyango wezoLimo uphansi phezulu njengoba sikhuluma nabalimi ukuhlola umonakalo bese usinikeza izibalo eziqondile mayelana nemfuyo namapulazi athintekile.” UNdlovu uthi izinsiza zikahulumeni zintekenteke kakhulu njengoba isifundazwe sisazama ukuhlenga esiphephweni senyanga edlule oThongathi esishiye kushone abantu abangu-12 kwathi izigidi zamarandi zacekelwa phansi nengqalasizinda.
Uqhube wathi basaqhubeka nodaba lwasoThongathi nakuba iminyango eyehlukene isiwusukumele umsebenzi wayo futhi isihlinzeka imiphakathi njengoba ijutshwe ngokomsebenzi ewenzayo njengeminyango. Lokhu kubeka ubunzima obukhulu ezinsizeni zikahulumeni. Kodwa basebenzisana nosonhlalakahle ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi ethintekile iyaluthola usizo oluzoyenza ikwazi ukuqhubeka nempilo yayo.
UMnu Thulasizwe Buthelezi udlulise amazwi enduduzo emndenini waka Gazu ngaphansi koMaspala woMlalazi lapho ubaba uMuntukabongwa Gazu elahlekelwe impilo yakhe ngenxa yomlilo wequbula ohangule umuzi wonke ngeshwa wangasinda. Uxwayise umphakathi waKwaZulu-Natali wonke ukuba uqaphele lomlilo wequbulo obhebhetheka isifundazwe sonke futhi begweme ukushisa amadlelo makunomoya. Indodakazi ka Gazu u Londeka Mlotshwa ithi umndeni ushaqekile ngalenhlekelele eyenzeke emndenini wabo
“Kuqale ngo-8 ebsuku sabona ukuthi kuyakhanya ngaphandle uma sivula umnyango sabona ukuthi wumlilo wequbula. Sazama ukucisha umlilo futhi sacabanga ukuthi siphumelele. Ngakho-ke ubaba nomalume bangena endlini beyolanda omazisi bethu namanye amaphepha abalulekile sasingazi ukuthi umlilo usaqhubeka. Washona kanjalo ubaba,” kusho uLungile.