UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko, namaSiko u-Gayton McKenzie ukubeke kwacaca ukuthi ngeke esaxhasa abalandeli abakhulu.

Lesi sinyathelo sibonisa ukuzibophezela kukaMcKenzie ekwesekeni abasubathi namaciko abhekene nobunzima bezezimali lapho zidingeka khona ngokuphuthumayo, uMcKenzie ukube kuqala ukuziphendulela nokusabalalisa izinsiza ngokulinganayo emikhakheni yezemidlalo nezobuciko.

Lesi sinqumo sigcizelela ukuzinikela kuka McKenzie ekuqinisekiseni ukuthi izinsiza ezilinganiselwe ziqondise kulabo abasembonini abadinga ukusekelwa ngezimali ngokushesha.

“Ngeke sisakhokhela lolu hambo futhi sizosebenzisa leyo mali lapho idingeka khona kakhulu,” kugcizelela u McKenzie. Ochungachungeni lwezinkudla zokuxhumana phecelezi X (owayebizwa ngo twitter phambilini), umholi we Patriotic Alliance ugcizelele ukuthi izinsiza zomyango kufanele zibeke phambili abasubathi namaciko adonsa kanzima ukuxhasa ukuhlangnyela kwabo emcimbini nasembukisweni.

Ngaphezu kwalokho, uMcKenzie uyalele ukushicilelwa kohlu olubanzi olunemininingwane yabo bonke abathole uxhaso emnyangweni, okuhlanganisa amanani nezizathu. “uma ungenzanga lutho olungalungile noma ungazange uzuze ngendlela engafanele awunasizathu sokwesaba, nginikeze umyalelo ocacile wokuthi umphakathi waziswen ngabantu abathola uxhaso  namuhla” kucacisa u McKenzie kwelinye lenkudla yokuxhumana.

Omunye wababhekisiwe  uMama Joy Chauke uyingxenye yeqembu elihambayo , zonke izindleko ezikhokhelwa ukusekela amaqembu aseNingizimu Afrika. Inzuzo esiyekiwe manje ngaphansi kobuholi bukaMcKenzie.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *