Usuku lokuqwashisa abafundi ngokukhetha kahle izifundo ezizoholela ekutholeni imisebenzi uma beqeda ukuphothula izifundo ezikhungeni zemfundo ephakeme

SHEILA MHLONGO

U-Tongaat Hulett ebambisene neQwabe Nkanini Farming Enterprise, bebehlele usuku olubizwa ngokuthi iNkanini Career Expo ukuzocijisa abafundi abafunda ezikoleni ezigudle ugu olusenyakatho ngamathuba akhona uma sebeqede umatikuletsheni.

Umbono ngalolusuku waqhamuka neNkosi DZ Gumede, kuMkhandlu waseNkanini. Inkosi Yesizwe yabe isimema abamele izikhungo zemfundo yamabanga aphakeme, izinhlangano ezithatha abafundi zibanike imifundaze kanye namakhona ngenkathi umfundi esafunda kanye nabahlinzeki. 

Ibhizinisi elaziwa ngokuthi i-Qwabe Enkanini Farming Enterprise enamalungu abalelwa ku-89 angabanini bomhlaba lengamele umhlaba otshale umoba obukhulu bawo ulinganiselwa ku-663 hektha okhiqize amathani kamoba abalelwa ku-31 720 ngonyaka ophelile. Leli bhizinisi liphinde laqasha abantu abalinganiselwa kwabangu-80 abasebenza ngezikhathi ezithile zonyaka.

UMnumzane u-Emmanuel Zondi, uMphathi wehhovisi elisebenza izindaba zomhlaba liphinde lisebenze nemiphakathi ebuyiselwe imihlaba ngokohlelo lukaHulumeni ubeke ngokuthi “njengoba kuyinyanga yokubungaza abantu abasha kubalulekile ukusebenzisa lesi sikhathi ukuqhakambisa ukungalingani okuqhubekayo okugcina kuba isithiyo kwabaningi ukuthi bathole imfundo esezingeni; bathole imisebenzi kanye namathuba anhlobonhlobo”. “Lenyanga iyisikhumbuziso kuthina sonke ukuthi siqhubeke nomshikashika wokwakha imiphakathi lapho wonke umuntu omusha enikwa ithuba lokusimama, asebenzise amakhono anawo ukuzakhela ikusasa elingcono”.

Uqhubeke wabeka ngokuthi noma inkululeko eyatholwa abantu abasha ngaphambilini yaba nomthelela omkhulu isakhona inselele yokuletha inkululeko elethwa ngokwezemfundo ezoba nomthelela obonakalayo emphakathini.  Usuku ebelihleliwe lwabafundi kuqhakambisa ukuzimisela kuka-Tongaat Hulett ukukhulisa bonke abafundi abasemiphakathini inkampani esebenza kuyo, ukubalekelela ukuthi bafeze  izifiso zabo

Lolusuku luqwashisa abafundi ngemisebenzi enhlobonhlobo yalekelela abafundi ababalelwa ku-2 000 abaqhamuka kwizikole ezitholakala enhla noDukuza kuhlanganisa lezi ezilandelayo: Shekembula, Huletts, Mbuyiselo kanye neBanguni combined. Lombukiso noma usuku lalibheke kakhulu ukuqhakambisa imifundaze ekhona, amathuba akhona okufunda ube usebenza uthola amakhono. Lolusuku lwaphinde lwedlulisa ulwazi ngamaphoyinti afunekayo ukuze izikhungo eziphakeme zezemfundo ngokwehlukana kwazo zamukele abafundi ngokwezifundo ezahlukene.

Inkosi DZ Gumede ubeke wathi “Ukubona intokozo ebusweni babafundi emva kombukiso kwayithokozisa inhliziyo yami.  Lokhu kwaba yinkomba yokuthi inhloso yokuhlela lolusuku ifezekile. Lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kokusebenza ngokubambisana nabakwa-Tongaat Hulett

Ngosuku olwalungaphambi kosuku lokuqwashisa abafundi ngemifundaze, Inkosi DZ Gumede yahlela usuku lwezemidlalo.  Usuku lwezemidlalo lwalekelela abafundi ukuthi bazane njengoba befunda ezikoleni ezingomakhelwane.  Lwenza ukuthi usuku lwesibili lokwazisa abafundi ngemifundaze nemisebenzi lube nesasasa elikhulu.

U-Snethemba Kunene, uMphathi wehhovisi elibhekele intuthuko yemiphakathi esebenza ngokubambisana noTongaat Hulett ubeke ngokuthi ukusebenza ngokubambisana kwenkampani nezikhungo ezahlukene zezemfundo nezimele abalimi kwabaka usuku lwe-Expo ezingeni eliphakeme.  Lezi zikhungo nabamele abalimi kuhlanganisa laba abalandelayo: Durban University of Technology; Owen Sitole College of Agriculture; Shukela Training Centre, MANCOSA, Unitrade kanye ne-South African Farmers Development Association.  Izikhulumi zonke zagcizelela ngokubaluleka kwezifundo ezihlanganisa ezokubala kanye nezeseyansi ukuvula amathuba emisebenzi emikhakheni eyahlukene kwagcizelelwa kubafundi

“Ukukhetha izifundo ezihlanganisa lokhu okudingwa izimakethe nabaqashi yikhona okwaqhakambiswa kakhulu kubo bonke abafundi ababayingxenye yosuku lokuqwashisa abafundi ngemifundaze kanye namathuba emisebenzi, kusho uKunene.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *