![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-24.png)
SHEILA MHLONGO
Imililo yequbula ehlasele uMasipala waseMlalazi isiphinde yabulala isaguga. UBangiwe Luthuli, waseMaNkwanyaneni, endaweni yaseNgudwini kuWadi 6 uyisisulu sakamuva sokusha kwequbula emawadini angu-21 alo masipala. ULuthuli ushone esibhedlela ngemuva kokulimala kanzima ngesikhathi ezama ukubhula umlilo.
Umufi wakamuva, ohlala yedwa, ohola impesheni uyisisulu sesibili ukushona ngenxa yomlilo osucekele phansi amawadi amaningi ngaphansi koMlalazi.
IMeya yaseMlalazi uCllr Xulu udlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi. UMeya uCllr Xulu ubekewathi “Kuyangikhathaza ukuthi le mililo idlula nemiphefumulo yabantu bethu abadala abangenakuzisiza. Lesi sigameko sithumela umyalezo ophuthumayo ukuthi asenzi okwanele ukuvikela abantu abadala. Siphinde sikhuthaze imiphakathi yethu ukuthi ivuselele Ubuntu kanye nokubumbana komphakathi phakathi kwayo. Ngikholwa wukuthi ukube siseyizakhamuzi ezibumbene Ubuntu, zingagwemeka izigameko ezimbi zalolu hlobo. Ngifisa ukunxusa izikhulu zendabuko, ipolitiki kanye nohulumeni ukuthi zibambisane ukuze kugwenywe izigameko eziyihlazo ezifana nalesi,” kuphetha uXulu.
Ibalelwa ku-121 imizi eshile okubalwa imfuyo nezimoto.Lokhu kuyawukhathaza umoya wezakhamizi zase Showe njengoba bezizwa bengasaphephile nobuthongo abusafiki kahle ngoba belindele ukuthi kuzokwenzekani okulandelayo.
Kamumva nje omunye ohola impesheni uMuntukabongwa Gazu waseZinyosi, oshone ezama ukonga impahla yakhe uzobekwe endlini yakhe yokugcina.