Abantwana nothisha basenkulisa yase Sea View  eMgababa babungaze ogogo ngosuku lweMandela Day

SHEILA MHLONGO

EMGABABA– Abantwana kanye nothisha benkulisa I-SEA VIEW CHILD DEVELOPMENT &CARE CENTRE ese- Ilfracombe babungaze ogogo ngosuku lweMndela Day ngoLwesine lomhlaka 18 Julayi , kanti ugogo uButhelezi ube ngomunye wogogo abathole ukutotoswa ngesikhathi kugasela izingane kanye  nothisa bazo engazelele bafika bambusisa ngezipho igilosa kanye nezithelo maqede bamuvocavoca izinyawo.

Uthishanhloko wenkulisa umama uChamane uzwakalise ukuthi babone kuyisu elihle ukuthi nenkulisa iSeaview nayo izibandakanye nomkhankaso wosuku olubalulekile lokubungaza usuku lokuzalwa kuka Nelson uMandela kanye nomkhankaso we 67 minutes ngokuthi bahambele abantu abadala ngenhloso yokufundisa abantwana ngokubaluleka kokunikela kanye nokuthanda abantu abadala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *