![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-45.png)
SBU MAMBA
Izinkunzi sase Soweto iKaizer Chiefs ziqumbe phansi izinsizwa zaseTurkey ngamagoli asihlanu kwamabili emdlalweni wobungani wokulungiselela isizini entsha ka 2024/25,umgadli wempofana uRanga Chivaviro ushaye amagoli amane kulomdlalo kanti lesihlanu lishaywe uMfundo Vilakazi , Amakhosi azolifulathela leliyazwe lase Europe abuye ekhaya ngesonto bazogadulisana nezikhondlakhondla zase Tanzania iYoung Africans eBloemfontein emqhudelwaneni we-TOYOYA CUP .
Ngesonto elidlule Amakhosi athule ngokusemthetwheni umqeqeshi wayo omusha sha odabuka ezweni laseTunisia Inkunzi emidwayidwa uNassreddine Nabi otheleke nethimba lakhe labaqeqeshi , Isikhulu esiphezulu seChiefs uKaizer Motaung Juniour uthi ujabule ngokufika kukaNabi , uthe uNabi ungumqeqeshi onamava futhi osezingeni eliphezulu uthe banethemba ukuthi uzobuyisa isithunzi nemiphumela emihle kuleliqembu laseNaturena elalidume ngokuwina izicoco lisaqeqeshwa izinkunzi oVlamimir Vermezovic , Muhsin Ertugral no Stuart Baxter. UNabi utheleke nethimba lakhe labaqeqeshi u Fernando Da Cruz wase France bese kuba elinye isekela uKhalil Ben Youssef ekade eqeqesha nabo ezweni lase Morocco ku AS FAR , Ilyes Mzoughi umqeqeshi wonozinti noMedji obheke ezokuba qatha kwabadlali (Fitness Trainer )
UNabi kuthiwa akawasinisi amahleza futhi akwazani nabadlali abavilaphayo , ezinkundleni zokuxhumana kuvele ivido ka Nabi nabadlali bakhe bebhizi bezilolonga enkundleni yase Turkey. Impofana ichithe abadlali abasihlanu ngenyanga edlule baqale ngomgadli uKeagan Dolly kwalandela uSinethemba Sithebe , Jasond Gonzalenz , Sifiso Hlanti noNjabulo Ngcobo kanti uNasreddine Nabi usekhiphe uhla lwabadlali acela iChiefs imthengele bona azogadla ngabo ngesizini ezayo kodwa amfuna kakhulu uthuli unyazi lomgadli uFiston “ Kalala” Mayele insizwa yase DR Congo engalibheki ipali futhi iyona eyamsiza ukuwina izicoco esaqeqesha i Young Africans , kube uFeisal Salum , Tumisang Orebonye , Inacio Miguel , Oshwin Appolis ogijima ku Polokwane City , Elias Mokwane weSekhukhune United