Izithunywazase-America zilandeleizinyathelozika- Nelson Mandela eNanda behlonipha usuku lwe-Mandela

OWAMI THABETHE

Ithimba le-RESURGEnce eliphuma e-United States of America, eliholwa nguMfundisi uDennis Dellon, mhla ziyi-18 kuJulayi lilandele umkhondo kaNelson Mandela oHlange High School eNanda.

Lokhu bakwenza ngokuvakashela isikhungo lapho uMoengameli wokuqala owakhethwa ngokwentando yeningi evota khona okokuqala mhla zingama-27 kuEphreli  1994 okwakhombisa ukwethulwa kwenqubo entsha yentando yeningi.

Njengoba umhlaba kade ugubha usuku lukaMandela ngomhlaka 18 Julayi, olumayelana nokuchitha imizuzu engu-67 yokwenza imisebenzi yokubuyisela emphakathini, ithimba laseMelika liphinde lazinika isikhathi sokugqugquzela abafundi bakulesi sikole kanye neminikelo yezimpahla zokugqoka. Baphinde bahlanza bapenda amabhlokhi esikole ngaphambi kokuba babuyele eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre for the Resurgence Conference Durban.

Izithunywa beziholwa iPhini leMeya yeTheku uKhansela Zandile Myeni, uSihlalo. IMenenja yeDolobha kuMasipala weTheku uMusa Mbhele uthe kuyamjabulisa ukuthi osukwini lwesibili lwengqungquthela imihlomulo isiqalile ukubonakala.

UMbhele ubekhuluma ngabafundi abangu-67 bebanga le-12 base-Ohlange High School, eNanda abathathwe ukuze baqeqeshwe osomabhizinisi base-USA abanohlonze emgubhweni wosuku lukaMandela. “Yilokhu esikubiza ngomthelela oqondile. Abafundi bazonikezwa imifundaze egcwele kanye nokuqeqeshwa kwezokwelapha, i-Information Technology, ezokuxhumana, ezempilo, ezobunjiniyela, ezemfundo neminye imikhakha”, kuphetha uMbhele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *