![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/IMG_5758-1024x683.jpg)
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/IMG_5774-1024x683.jpg)
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/IMG_5787-1024x683.jpg)
OWAMI THABETHE
BLUFF- Umsunguli wenhlangano iGcinamasiko Arts and Heritage, umlingisi kanye nomxoxi wezindaba, uDktl. Gcina Mhlophe usingathe umcimbi wokubungaza izingane kanye nabantu abadala ngaphansi kwesihlahla iStorytelling Tree, eBluff ngempelasonto ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Touch the future, Feel the presence’ mhlaka 20 kuJulayi 2024.
I Storytelling Tree sasungulwa ngonyaka ka 2019 ngenhloso yokuhlala nodado bafundisane, baxoxe izinganekwane, bafunde nezincwadi. Lenhlangano isebenza kakhulu ukuzinikela ekuthuthukiseni isiko lokufunda, ukuhlinzeka ngamathuba okubhala nokudala izindaba kanye nokuthuthukisa ababhali base-Afrika kanye negugu lokuxoxa izindaba ngaphakathi kwezikhungo zemfundo (ikakhulukazi labo abangenakho ukufinyelela okungalungile ezinsizeni) nasemphakathini.
Umama uGcina wamukele izihambeli ngomculo kanye nemidanso. “ kuyintokozo kumina ukunibona nonke niphumelele, ikakhulukazi ngibonga nezihambeli zami ezisuka eGoli ukuba zibe ingxenye yalomcimbi kusho lukhulu kimina. Indaba enkulu yaqala ngaphansi kwalesi sihlahla ngonyaka ka 2019 lapho engahlala phansi ngabona ukuth siyayidinga indawo lapho sizocobelelana khona ngamasiko kanye nemvelaphi lapha eThekwini. Nami ngakhangwa yizinganekwane zikagogo wami owayejwayele ukungixoxela zona okwangenza ngathanda ukubhala nokuxoxa izindaba. Ugogo wayezixoxa ngendlela ayayingenza ngizibone nangamehlo engqondo ,” kusho uGcina. Lomcimbi ubuhanjelwe u Musa Hlatshwayo we Rubbish Orchestra lapho ebephethe izinsimbi ezahlukahlukene ezenziwe ngodoti owenziwe kabusha okubalwa izigubhu,amathini kanye nezinduku. Udlale waphinda wafundisa kanye nezithameli zomcimbi ngalezizinsimbi.
Ezinye zezihambeli yinkampani yakwa Spec Saver ibizoluleka ngokubaluleka kokuba namehlo anempilo waphinde bakhuthaza ukuthi bavame abantu ukuhlola amehlo abo. Umtapowolwazi wase Bluff ubungezinye zezihambeli ebezizofundisa kabanzi ngokubaluleka kokufunda ikakhulukazi ezinganeni. Kufundwe izinganekwane zezilimi ezahlukahlekene, ezesiXhossa, ezesiZulu kanye nezesiNgisi. Injabulo bibhalwe ebusweni ezinganeni sezidlala imidlalo eyahlukahlukene okubalwa ukuqhudelana ngokubhaka, ukupenda ubuso kanye neminye imidlalo.