OWAMI THABETHE
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu Thamsanqa Ntuli ngoLwesibili, mhla ziyi-16 kuJulayi 2024 uhole ithimba likaHulumeni wesifundazwe ngokuhambela ezindaweni ezimbili ezikhahlamezwe umlilo wequbula ngempelasonto edlule.
Kubizwe umhlangano wesigungu esiphezulu ngenhloso yokudingida umonakalo odalwe yilo mlilo esifundazweni esithinta izimpilo zabantu, indlela yokuziphilisa, imfuyo nengqalasizinda.
UNdunankulu uNtuli uvakashele imijondolo yaseKenville engaphansi koMkhandlu weTheku eyoduduza aphinde ahlole isimo. Uphelezelwe ngamalungu esigungu esiphezulu, izikhulu eziphezulu zikahulumeni nobuholi bukaMasipala weTheku. Kulesi sigameko esibuhlungu imijondolo engaphezu kuka-200 yacekelwa phansi kwathi abantu abangaphezu kuka-400 basala dengwane.
“Sithukile njengohulumeni ukuthi lomlilo usudlule nezimpilo zabantu eziningi kangaka,ubusika obuhambisana nomoya kuhlale bufika kodwa kuyaqala ukwenzeka lokhu esifundazweni ukuba khona komlilo odala umonakalo omngaka. NjengoHulumeni sisaphenya imbangela yalomlilo wequbula, futhi siqaphelise abantu ukuba baphephe baphinde bagweme ukubasa imililo kuze kudlule lobusika. Sesiqalile ukuhlinzeka ngezindawo zokukhosela, izimpahla zokugqoka, amaphasela okudla kubantu abathintekile kulomlilo” kuqhuba uNtuli.
UNdunankulu uNtuli uqinisekise izisulu zomlilo ukuthi zonke izinhlaka zikahulumeni zenza konke okusemandleni i ukubuyisela uzinzo kanye nokwenza izimpilo zabo zibuyele esimeni esijwayelekile. Umlilo uthinte abantu abangaphezu kuka-400. Izisulu zomlilo sezithuthelwe endaweni yokukhosela yesikhashana futhi banikezwe izinto ezivimbela amakhaza, ukudla kanye namaphakethe okuhlanzeka. Osonhlalakahle nabasebenzi bezokunakekelwa kwempilo basendaweni ukuze bahlinzekele izisulu ngezinsizakalo zempilo yengqondo nezempilo.
UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu usufake imininingwane yawo yonke imizi ethintekayo ngenhloso yokuyihlinzeka ngezinto zokwakha. UNdunankulu uNtuli umemezele ukuthi uMnyango Wezasekhaya uzosiza izakhamuzi ezithintekile ngokuphinda zifake izicelo zomazisi kanye nezitifiketi zokuzalwa. Ngokuhamba kosuku uNdunankulu kanye namaLungu oMkhandlu oPhethe baqhubekele eBoston, ngaseMpophomeni ngaphansi kukaMasipala waseMngeni lapho kubikwa ukuthi izicishamlilo eziyisi-6 zilahlekelwe izimpilo zazo ngesikhathi zibhula umlilo emasimini akule ndawo.