![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-43.png)
JOHANNESBURG– Inkampani eyaziwa nge IVECO ngokubambisana nenhlangano ye- Road Freight Association (RFA).isikhiphe isitatimende lapho imemezela khona ukubuyisa umncintiswano wokubungaza abashayeli bamaloli ngenxa yeqhaza labo abalibambe emnothweni waseNingizimu Afrika ngaphansi kwemboni yezokuthutha,besebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthutha izimpahla ngendlela efanele ukuze zifinyelele yonke indawo lapho zisuke zilibangise khona. Lomncintiswano ubizwa nge the #ThankYouTrucker campaign.
Lomncintiswano we- the #ThankYouTrucker ungumkhankaso oqondiswe ekuhlonipheni abashayelai bamaloli ngomsebenzi wokuzinikela kwabo ekuthutheni izimpahla ukuze zifinyelele kahle lapho zisuke zithuthelwa khona. Ngakho lomkhankaso umema bonke abanikazi bezinkampani, ama-operations managers, direct line managers, kanye nama- fleet managers ukuthi baqoke abashayeli bamaloli (truck drivers) abenza umsebenzi omuhle ngobuchule kanye nokuzimisela futhi bekhathalela ukuphepha emgwaqeni.
Isikhathi sokuqokwa kwabashayeli bamaloli sizoqala kusukela ngomhlaka 15 Agasti 2024. Abafisa ukuzibandakanya nalomncintiswano bangavakashela kwi-website:www.thankyoutrucker.co.za, lapho bengafaka khona imingenelo yabo. Bonke abashayeli abazongenela kumele kube abalapha eNingizimu Afrika . Ngaphezu kokuqoka umshayeli weloli. Abaqokayo bangazuza umklomelo ongukheshi ka R10,000 uma lowo oqokiwe etomuliwe ukuthi aphumelele.
Izindaba ezimnandi ezokuthi lomncintiswano we the #ThankYouTrucker, uzobe uhambisana nomklomelo kakheshi owu R50,000 oyohlonyulwa umshayeli othole amavoti amaningi kunabanye, kulandele oka R20,000, kugcine ngoka R10,000 kophume isithathu. Abayisihlanu abaphume phambili amagama abo ayomenyezelwa ngomhlaka 1 Septhemba 2024, bese kulandela ukuvota komphakathi . Kothi obashaye emakhanda ngamavoti uyomenyezelwa ngomhlaka 1 Okthoba 2024.
UCynthia Noneka Thala useke wawina kulomklomelo, ukhombise ukuzimisela okuyisimangaliso.UThala ungumama wezingane ezintathu kanye neBulk Vehicle Operator, kanti uyisibonelo esihle esibambe iqhaza emnothweni kanye nasemphakathini. Udaba lwakhe lukhombisa ukubaluleka kweqhaza elibanjwe abashayeli bamaloli lapha eNingizimu Afrika.
“Sifisa ukukhuthaza wonke ama- fleet managers kanye nabanikazi bezinkampani ukuthi babambe iqhaza kulomkhankaso.” kusho u Elvis Mutseura, oyi- Product Marketing Manager kwa-IVECO. “Ngokuqoka umshayeli usiza ukwakha isithombe esihle ngemboni yezokuthutha ngamaloli ngaphezu kokuhlonipha umsebenzi omuhle womshayeli wakho.” esho.
MAYELANA NE -IVECO SOUTH AFRICA
IVECO South Africa yasungulwa ngonyaka ka 1993– Lenkampani yenza umsebenzi obalulekile wokuqinisekisa ukuthi izidingo zezinqola ezithutha impahla ziyanakekelwa ngendlela ethembekile, ekwazi ukuhlala isikhathi eside futhi nekwazi ukusebenziseka ngezindlela ezahlukene, futhi iyisisombululo sokuqala kuzozonke izindingo zemboni yezokuthutha, osekuphele iminyaka engu 25 ikhona lapha eNingizimu Afrika. Lenkampani izibophezele ekuletheni izimoto zokusebenza ezisezingeni , idayisa o chassi abasebenza ezimotweni zezinkontileka ezimakethe zakuleli.
Lenkampani IVECO South Afrika isikwaze ukwethula iproduct yase Europe yayenza yakwazi ukumelana nesidingo salapha eNingizimu Afrika ngendlela eyikhwalithi futhi enempumelelo.Lokhu ikwenza ukuze ikwazi ukufeza umgomo wayo osezingeni lomhlaba kwezemboni yezokuthutha.
IVECO South Afrika isizenzele igama elihle kulemboni yezokuthutha njengoba iletha izisombululo kwimakethe yalapha ekhaya isebenzisa ubuchwepheshe obusezingeni lomhlaba ukuze kwehle izindleko zokuqhuba umsebenzi wezokuthutha.
UNGAXHUMANA NE -IVECO KWI-WEBSITE
SOCIAL MEDIA
Facebook @IVECOSouthAfrica
Instagram @IVECO
Twitter @IVECOZA
LinkedIn @IVECO
R3 x 565 words =R1,595