Abasebenzi bakwaEngen banikele ngo 67 minutes wabo eTafta John Dunn Old Age Home ngosuku lweMandela Day

“ Asikho isipho esedlula ukunikela ngesikhathi, kanye namandla akho, usiza abanye abantu ngaphandle kokubheka inzuzo.” Nelson Mandela.

Ithimba labasebenzi bakwa Engen sebekuphindile futhi lokho benza umehluko emphakathini ukubungaza usuku lweMandela Day, lokhu bakwenze ngommhlaka 18 Julayi, ngesikhathi behambele kwesinye isikhungo esiyikhaya labadala iTafta John Dunn,esizinze eSouth Durban Basin, eningizimu yeTheku, nokulapho befike khona bapha izaguga ukudla okuconsisa amathe.

IMandela Day, ilapho kubungazwa khona usuku lokuzalwa kukaMengameli wokuqala wentando yeningi, eNingizimu Afrika, uNelson Mandela, nokuyisikhathi lapho kumenywa abantu emhlabeni wonke ukuthi banikele ngemizuzu engu 67-(67minutes) okuyiminithi elilodwa minyaka yonke lesikhathi uMandela asichitha elwela ubulungiswa, ukulingana kanye nenkululeko, ngokwenza okuhle esiza labo abanhlwempu.

“Njengenkampani ezibophezele ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu  ukuze babe nekusasa, uEngen uyazithoba ngokubamba iqhaza emisebenzini yosuku lweMandela Day, ukubuyisela emphakathini.” Lapha bekusho uOlwethu Mdabula, oyimeneja ye CSI.

“Wonke umuntu angakwazi ukwenza ushintsho olungcono emhlabeni, okungakho sincoma iqhaza lethimba le Engen ngomsebenzi walo wokunikela ngesikhathi kanye namandla alo.”

Njengenkampani ekhathalela imiphakathi eyakhele ezindaweni esebenzela kuzona, iMandela Day isinikeza ithuba lokukumbula ubumqoka bokusebenzela umphakathi, kanye nobunye.

Ngokuzibandakanya kulemisebenzi, uEngen akahloniphi nje kuphela umlando ka Nelson Mandela, kodwa ugcizelela ukuzibophezela kwakhe ekusebenzeleni kanye nasekuthuthukiseni umphakathi.

“KwaEngeni siyakholelwa emandleni okusebenza ngokubambisana kanye nokubaluleka kokweza umehluko. Ukuzibandakanya kwiMandela Day kufakazela ukuzibophezela ekusizeni labo abadingayo kanye nokuqinisa umoya wobunye kanye nozwelo.”kwenanela uMdabula.

#Engencares #MandelaDay

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *