![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/08/WaterInsecurity-6744-1024x682.jpg)
SHEILA MHLONGO
Izitolo ezinkulu zakwaShoprite nakwaCheckers KwaZulu-Natali yonkana zidayisa amanzi azo asebhodleleni abizwa nge-Eastern Highlands ngamanani aphansi kakhulu, nalapho ingxenye yenzuzo yawo izosetshenziselwa ukulekelela emizamweni yokusiza ngamanzi esifundazweni.
“Sizoqhubeka nokudayisa amanzi asebhodleleni anelebuli yethu yangasese ngamanani aphansi inqobo nje uma izinkinga zokwentuleka kwamanzi zisaqhubeka nokukhungatha isifundazwe saKwaZulu-Natali,” kuqinisekisa uSanjeev Raghubir, Isikhulu Esiphezulu Kwezokusimama Kwebhizinisi (Chief Sustainability Officer) sakwaShoprite Group. “Kusemqoka kakhulu futhi ukuhlonza izisombululo zesikhathi eside nezizinzile ukuqinisekisa ukufinyeleleka kwamanzi ahlanzekile okuphuza esifundazweni, ikakhulukazi kubantu abasengcupheni, abantekenteke kubandakanya abantu abadala kanye nezingane.”
Ngenhloso yokufezekisa lokhu-ke, ingxenye yenzuzo eyenziwe ngokudayiswa kwamanzi asebhodleleni elingu-500ml nelingu-1.5L le-Eastern Highlands adayiswe kuzo zonke izitolo ezinkulu zakwaShoprite nakwaCheckers ezweni lonke izofakwa kwiSikhwama esisanda kusungulwa esibizwa phecelezi nge-Act for Change Water Fund.
“Omunye wemiklamo yokuqala yalesi Sikhwama kuzokuba ukumbela ipitsi lamanzi esikoleni esiseVerulam, lapho umphakathi wakule ndawo nawo uzokwazi ukuthola lawa manzi ahlanzekile okuphuza,” kuchaza uRaghubir.
Lesi sitolo sinomlando omude wokwelula isandla kanye nokulekelela imiphakathi yalapha ngaphakathi kwisifundazwe esuke isele ingenamanzi, okuqapheleka kakhulu yingesikhathi kunesomiso esasinenkani eNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2016 nokuyilapho isitolo sanikela ngamanzi saphinde sawathuthela emadolobheni ayehlaselwe yisomiso KwaZulu-Natali anjengo-Ulundi, Vryheid, Harding, iXopo kanye namanye.