Kwethulwe ngokusemthethweni abaxhasi abasha be PSL

SBU MAMBA

IPremier Soccer League (PSL) izitholele abaxhasi abasha sha abazoxhasa iligi yaseNingizimu Africa esigabebi esiphezulu, buphelilile ubudlelwano phakathi kwePSL ne DSTV , iligi enkulu yakuleli beyaziwa ngeDSTV Premiership kodwa ngoba iPSL isizoxhaswa yinhlangano yokugebhula iBetway isizobizwa nge BETWAY PREMIERSHIP. 

USihlalo wePSL uMnu Irvin Khoza wethule labaxhasi abasha  ngesonto elidlule esithangamini nabezindaba eParktown eGoli ,uthe iDSTV isihoxile ekuxhaseni iligi enkulu yakuleli uthe abaxhasi sekuzoba yinkampani yezokugembula iBetway . IPSL ne Betway basayine inkontileka yamasizini amathathu yesamba sika R900 Million wama randi, ezibongela uKhoza kwisikhulu esiphezulu seBetway Africa ebesikhona kelesithangami uMnu Laurence Michel uthe nje izandla zidlula ikhanda ubonga kakhulu ngaloluxhaso wathembisa ukuthi bayi PSL ngokubambisana namakilabhu amakhulu akuleli bazoqinisekisa ukuthi lamasizini amathathu eBetway Premiership aba yimpumelelo , esephetha inkulumo yakhe

uMnumzane Khoza uqisekise ukuthi isizini etsha iyaqala mhlaka 3 Agasti.

Kuzoqala umqhudelwano we MTN8 Amabhakabhaka i-Orlando Pirates izogadulisana naMatsantsantsa iSupersport United e-Orlando Stadium ngomqgibelo , iStellenbotsch izobhekana neTS Galaxy eDanie Craven Stadium ngesonto kanti ngesonto elilandelayo iSekhukhune United izozwana amandla neCapetown City ePeter Mokaba Stadium besekuthi ngomhlaka i-11 Agasti Kabooyellow iMamelodi Sundowns idudulane nePolokwane City eLucas Moripe Stadium,iBetway Premiership 2024/2025 izoqala ngokusemthethweni ngomhlaka 14 September

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *