![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/08/image-1.png)
Owami Thabethe
I-Ezemvelo KZN Wildlife ithi sehle kakhulu isibalo sobhejane abazingelwa ngokungemthetho eziqiwini selokhu baqala ukubakhipha izimpondo ngo-Ephreli.
I-Ezemvelo ithi ukubulawa kobhejane besekunyuke ngendlela emangalisayo KwaZulu-Natali eminyakeni embalwa edlule, njengoba bekuhlaselwa obhejane abalinganiselwa ku-30 kuya ku-40 ngenyanga ngenxa yabazingeli abangekho emthethweni. Le nhlangano yezokongiwa kwemvelo ithi selokhu kwaqala lolu hlelo lokukhipha izimpondo lwehle lwafinyelela ku-5 ngenyanga kusukela ngoMeyi kuya kuJulayi.
Okhulumela i-Ezemvelo, uMnuz Musa Mntambo, udlulise ukugxeka kweSilo uMisuzulu ngokuzingela ngokungemthetho emhlanganweni. “Umlando wethu uhlobe ngezindaba zokuthi okhokho bethu babephila ngokuzwana nezilwane zasendle ezihlobisa umhlaba wethu. Ngiyanincenga nonke ukuthi nihloniphe leli gugu ngokusebenzisana nabaphathi balezi ziqiwi. Masiqinisekise ukuthi lezi zindawo zokulondoloza izilwane zihlala ziphephile futhi zivikelekile, zithuthukisa indawo lapho kokubili abantu nezilwane zasendle zingachuma khona ngokuhloniphana nangokuhlalisana”, kuqhuba imbube.
Khonamanjalo, iSilo uMisuzulu isigxekile isigameko sokwebiwa kwempahla ocingweni locingo epaki Ezemvelo. Lokhu, njengoba i-Ezemvelo isiqalile ukwakha uthango olusha eHluhluwe-iMfolozi Park ukuze kunqandwe ukubulawa kobhejane.
Inhlangano yezokongiwa kwemvelo ithi iphinde iqashe nabahamba ngocingo abavela emiphakathini yendawo ukuthi bagade uthango nsuku zonke futhi balungise noma yimuphi umonakalo.
UMntambo uthi iSilo sikhiphe isexwayiso esishubile mayelana nokuntshontshwa kwalolu hlobo. “INgonyama iphawule ngokukhathazeka ukuthi kukhona abantu abalimaza ingqalasizinda yeziqiwi zaseNingizimu Afrika – okuhlanganisa neHluhluwe-iMfolozi Park ehlonishwayo. Uveze ukuthi izenzo ezifuze lezi azigcini nje ngokubukela phansi isithunzi salezi ziqiwi ezinomlando, ezinye ezifana ne-HiP ezaziyizinkundla zokuzingela zenkosi uShaka, kodwa futhi zibeka engcupheni enkulu kubantu abangenacala abahlala eduze kwalesi siqiwu esiyinqaba.”