![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/08/image-7.png)
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/08/image-8.png)
SBU MAMBA
Ivuke ngesikhwishikhwishi somdlali impofana iKaizer Chiefs isayinisa uGastin Sirino obegijima kuMamelodi Sundowns , lensizwa edabuka e-Uruguay e-South America iza nesipiliyoni esikhulu njengoba useke wadlala naku CAF Champions League kanti futhi ungumdlali onamava ongadlali endaweni eyodwa uSirino uyakwazi ukudlala ophondweni kwesokudla nakwesokunxele , uyawashaya futhi amagoli kanti ungumgadli okwaziyo ukufunda umdlalo.
Zibajabulisile abalandeli beChiefs izindaba zokusayinisa uSirino , Amakhosi aqede endaweni yeshumi ngesizini edlule badinwa bagana unwabu abalandeli bamakhosi bashiya abangalazi ezinkundleni
zokuxhumana. UKaizer Motaung Junior uxolisile kubalandeli enyangeni edlule wathi bafundile emaphutheni abawenzile ngesizini edlule bazowalungisa wacela abalandeli ukuthi bangaliphosi ithawula zizojika izinto kulesizini ezoqala , ubese ethembisa abalandeli ukuthi i-Chiefs izosayinisa abadlali abanohlonze abazobamba iqhaza elikhulu ekubuyiseni isithunzi sabafana bokuthula noxolo .
EzikaShintsha Guluva zimemezele umqeqeshi wazo omusha ngokusemthwethweni ngenyanga edlule uNasreddine Nabi odabuka eTunisia , uNabi uthe ngeke athembise izulu nomhlaba kodwa ukuze
awine izicoco uzodinga abadlali abasezingeni eliphezulu, uthe kufanele kuqiniswe udonga lwasemuva kusukela kunozinti , izitobha nabagadli abakhaliphile , uthe kunabadlali abazobolekiswa ngoba abekho ezinhleweni zakhe bese kuthengwa abadlali abasha.
Impofana ithule ngokusemthethweni abadlali bayo abasha (ku- website) baqale ngesitobha uRushwin Dortely obegijima ku Capetowm Spurs kwalandela uBongan Sam osuka kuMoroka Swallows, unozinti uFiacre Ntwari obegijima ku TS Galaxy noGastin Sirino osuka ku Sundowns bese kuba uMbuthu osuka ku-development ( Inkulisa)