NgokweStats SA, abesifazane baseNingizimu Afrika basaqhubeka nokuthwala umthwalo onzima wokuntuleka kwemisebenzi, ukuqashwa kanye nokuncipha kwenani labasebenzi uma kuqhathaniswa nabesilisa.
OWAMI THABETHE
Ucwaningo lwakamuva lweStatics SA siveze ukuthi abesifazane baseNingizimu Afrika badonsa kanzima ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi nokungalingani kwabasebenzi.
NgokweStats SA, abesifazane baseNingizimu Afrika basaqhubeka nokuthwala umthwalo onzima wokuntuleka kwemisebenzi, ukuqashwa kanye nokuncipha kwenani labasebenzi uma kuqhathaniswa nabesilisa.
Ngokocwaningo lwabo,lokhu kungenxa yokuthi abesifazane maningi amathuba okuba benze imisebenzi yasekhaya, ukukhulisa izingane, kanye neminye imithwalo yemfanelo enciphisa amathuba abo emakethe yezemisebenzi.
Ngokweqhaza labasebenzi kanye namazinga abesilisa nabesifazane kusukela ngo-2014 kuya ku-2024 akhombisa ukuthi bambalwa abesifazane ababambe iqhaza emakethe yezabasebenzi uma beqhathaniswa nabesilisa.
Kwabesifazane, izinga lokungasebenzi likhuphuke kuwo wonke amazinga emfundo ngaphandle kulabo abaneziqu zemfundo ephakeme, bona behle ngephesenti elilodwa.
IStatics SA iphinde yaveza ukuthi abesifazane abangenabo omatikuletsheni banomthelela ekunyukeni kwezinga labantu besifazane abangasebenzi njengoba kunzima ukuqashwa kwabo. Iphesenti labo likhuphuke kusuka ku 40.0% kuya ku 43.1%. Isibalo sabesifazane abaneziqu kodwa abangasebenzi nalo likhuphukile lisuka ku 85.7% kuya ku 87.3%.
Idatha iveza ukuthi igebe phakathi kwamazinga abantu abangasebenzi likhule kubo bobubili ubulili.
Njengoba leli gebe liqhubeka nokukhula, liphakamisa ukuthi ingxenye enkulu yalabo abangena emakethe yezemisebenzi babhekene nokuntuleka kwemisebenzi.