Kuloba:uPaul Kariuki
Ngokombiko osanda kushicilelwa omayelana nobugebengu wonyaka ka-2023/2024 ukhombise isithombe esifiphele mayelana nezenzo zobugebengu ezibhekiswe kubantu besifazane. Isibalo sabasolwa ababoshelwe amacala okudlwengula kanye nawokuzama ukudlwengula sibonakala siphezulu kakhulu ngokwethusayo. Ngokombiko owakhishwa owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMhlonishwa uBheki Cele wathi kwaboshwa abasolwa ababalelwa ku- 4, 783 ngamacala ahlobene nezocansi afana nokudlwengula.
Nakuba kuncomeka ukuthi abombutho wamaPhoyisa eNingizimu Afrika (SAPS) bazamile ukuqinisa imizamo yabo yokuzingela babophe abasolwa ngalamacala, kuningi kodwa okusadingeka kwenziwe ukuze kuqedwe nya lesihlava emphakathini ukuze izisulu zithole ubulungiswa.
Kamuva nje abezindaba basanda kubika mayelana nesibalo esiphezulu samacala ahlobene nokuHlukumeza ngokoBulili (Gender Based Violance) asuliwe ngenxa yokuthi amadokodo elahlekile noma edukile. Izimo ezifana nalezi zibukela phansi imizamo kahulumeni yokukhuthaza ukuphepha komphakathi, ikakhulukazi abesifazane namantombazane. Futhi ukulahleka nokuntshontshwa kwamadokodo kuqeda ithemba kwizakhamizi ukuthi ziyoke zithole ukuvikelwa umthetho.
Kungenxa yalesizathu Kubalulekile ukugcizelela ukuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane luhlukumeza amalungelo abo , futhi ludinga ukubhekelwa ngokubambisana phakathi kwezinhlaka ezahlukene okuhlanganisa uhlelo lokuxoxisana kwazozonke izinhlaka. UNgqongqoshe omusha wamaPhoyisa ubhekene nomsebenzi omkhulu, njengoba umsebenzi wakhe ukucubungula ukuthi izenzo zokuphulwa komthetho zamaphoyisa yizo ezibukela phansi imizamo kahulumeni yokukhuthaza ukugcinwa komthetho kubobonke abantu.
Okokuqala, UNgqongqoshe nguye obhekele ukuphepha kwesizwe ngaphansi koMnyango wakhe, ngakho kudingeka kube uyena ohamba phambili ekuhlolisiseni ukusebenza kohlelo kanye nezingqinamba ezikhungethe umnyango ukuze aqede ukungaphathwa kahle kwama dokhethe kanye namanye amadokhumente ukuze kuqinisekiswe impumelelo yokushushiswa kwabasolwa.
Okwesibili, okunye okuhambisana nephuzu elingenhla, uNgqongqoshe kumele aqinise izinsiza kanye nokuqeqeshwa kwamaphoyisa mayelana nokuphatha amacala ahlobene nodlame lwasekhaya kanye namacala aphathelene nocansi ngokucophelela nangempumelelo. Lokhu kuzosiza amaphoyisa ukuthi aqonde ngokubaluleka kweqhaza lawo ekuqinisekiseni ukuthi izisulu zithola ubulungiswa kuphinde kwenyuke izinga lokunikeza izimpendulo njengendlela kaNgqongqoshe yokuqhuba uhlelo lokuthola izimpendulo uma kwenzeka kuba khona ukungaphathwa kahle kwamadokhethe.
Okwesithathu, izakhamizi kumele zibandakanywe emizamweni yokweseka ukuqedwa kwezenzo zodlame olubhekiswe kubantu besifazane kanye namantombazane emphakathini. Uhlelo lwabantu kanye nendlela egxile emphakathini yenza kube nokusebenza ngokubambisana ekuvikeleni izenzo zokuhlukumeza ngokobulili ezibhekiswe kubantu besifazane. Okubaluleke kakhulu ukuvuselela ithemba phakathi komphakathi kanye namaphoyisa ukuze kube nokusebenza ngokubambisana kuphinde kugqamise ukuphepha komphathi kanye nokuvimba izenzo zobugebengu.
Okwesine, ukuqapha kanye nokuvimba izenzo zobugebengu kumele kube yinto esuselwa kwi-data ukuze kuqhanyukwe nezindlela ezizosiza ukulungisa inkinga. Ngaphezu kwalokhu uNgqongqoshe angakwazi ukusebenzisa idata, ukwenza uhlelo lokuthi athathele izinyathelo amaphoyisa angenzi kahle, aphinde aqhamuke nezindlela zokulungisa isimo lapho enza umsebenzi ongaphansi kwalokho okulindelekile.
Okwesihlanu, kunesidingo sokuqinisa ukwesekwa kwezisulu eziteshini zamaphoyisa kanye nasemiphakathini. UNgqongqoshe kumele aqinisekise ukuthi uhlelo lokesekwa kwezisulu eziteshini zamaphoyisa lunazo zonke izinsiza ezifanele kanye nabasebenzi abawaziyo umsebenzi wabo ukuze kuqinisekiswe ukuthi izisulu zithola usizo ngaphandle kokwesaba.
Okwesithupha, uNgqongqoshe kumele akuthaze ubukhona kwemithetho eqinile kanye nenqubo mgomo okuyiyo ezovikela izisulu kuthathelwe abasolwa izinyathelo zomthetho baphinde bathole isijeziso esiqatha ngawo wonke amacala ahlobene nezocansi. Kuphinde futhi uNgqongqoshe kumeke eseke uhlelo lwe National Strategic Plan olumayelana nokuHlukumeza ngokoBulili kanye nokubulawa kwabantu besifazane ngenxa yenzondo (Gender Based Violence and Femicide) nokuthi umnyango wakhe uzoluqhuba kanjani uhlelo lokuphuthumisa ukwenziwa kwalo ezweni.
Okwesikhombisa, kunesidingo esikhulu sokuthi kufundiswe umphakathi mayelana namalungelo abantu, ukuhlukumeza ngokobulili, ukuqapha emphakathini, imithetho emayelana nokuqeda zonke izenzo zodlame ikakhulukazi ezibhekiswe kubantu besifazane kanye neqhaza layo ekuvikeleni ubugebengu emphakathini. Izinhlelo ezifana nalezi kanye nemizamo yokufundisa ziyawenza umehluko ekushintsheni indlela yokucabanga kubantu kanye nendlela yokuziphatha uma kuza ekuvikeleni kanye nasekuqedeni izenzo zobugebengu.
Ekugcineni, ngokuthatha izinyathelo zokwenza lamaqhinga, uNgqongqoshe wamaPhoyisa angadlala indima enkulu ekuqinisekiseni ukubhekana aphinde anciphise izenzo zodlame olubhekiswe kubantu besifazane eNingizimu Afrika. Kuyadingeka kube nokubambisana kwezinhlaka ezahlukene ukuze kufezeke lemizamo. Kumele zibe seqhulwini ziphinde zesekwe uNgqongqoshe kanye nezinhlaka ezingaphansi kukahulumeni emkhakheni wezamaphoyisa. Ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukunqoba iphinde iqede izenzo ezinodlame zokuhlukumeza ngokobulili kanye nazozonke izinhlobo zodlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane, amaphoyisa atholakala engaziphathanga kahle kumele ajeze. Kunethemba lokuthi isimo sizoshintsha njengokwezethembiso ezenziwe uhulumeni wombuso wesikhombisa, kanye nemizamo kaNgqongqoshe yokubhekana nazozonke izenzo zokungaziphathi kahle kwabombutho wamaPhoyisa (SAPS) UNgqongqoshe unethuba elanele ukuphendula ithemba elikhona manje ukuthi lifezeke aphinde akhe kabusha umbutho wamaphoyisa othenjwa izakhamizi.