IMeya yeThekuingenelele ukuxazulula izinselele zamanzi ezindaweni ezisenyakatho netheku.

Esithombeni: IMeya uXaba kanye namalungu eMngeni-Thukela Water bevakashele isikhungo sokuhlanza amanzi I Durban Heights Water Treatment

OWAMI THABETHE

IMeya kaMasipala weTheku uKhansela Cyril Xaba kanye nePhini likaSihlalo weMngeni-uThukela Water uDiana Hoorzuk, bahlole isayithi iDurban Heights Water Treatment Works kulandela ukuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi ezindaweni ezisenyakatho yedolobha.

Ukuphazamiseka kwamanzi isikhathi eside kudalwe ukukhula kolwelwe oluhlaza olwaluqukethwe emanzini  asuka edamini laseNanda. Lokhu kuholele ekuvalelekeni kwezihlungi eDurban Heights Water Treatment Works, okudale ukwehla kwenani lamanzi ahlanzekile.

“Sivakashele lesi sikhungo sokuhlanza amanzi ngenxa yezingcingo eziningi esizithole zivela kubahlali bekhala ngokuntuleka kwamanzi ezindaweni ezisenyakatho yedolobha izinsuku eziningi. Siwubuholi sibone kufanele ukuthi sivakashele lesi sikhungo ukuze sizibonele ukuthi yiziphi izingqinamba ezidala lokhu,” kusho uXaba.

Idamu iDurban Heights libaluleke kakhulu ekuhlinzekeni amanzi eThekwini njengoba lihlinzeka ngamamitha angama-590 amanzi ngosuku.

UXaba uthe ubonga kakhulu ngokuthi abaphathi benkampani yamanzi babafake ezinhlelweni zabo zokuxazulula inkinga futhi bagculisekile ngokungenelela abakwenzayo.

“Sifuna ukunxusa abahlali ukuthi babekezele njengoba amathimba ethu esebenza ngokuzikhandla ukubuyisela amanzi kuzo zonke izindawo ezithintekile,” kwengeza uXaba. 

IMeya iphinde yaqinisekisa abantu baseThekwini ukuthi kukhona izingxoxo eziqhubekayo noMngeni-uThukela Water ukuze kuxazululwe zonke izinselelo zamanzi edolobheni futhi izixazululo ziyasetshenziswa  ukuze kulungiswe lesi simo ngokushesha. 

Inqubo yokubuyiselwa kwedamu esimeni esifanele ukuba lingasebenza isiqalile yize kuzothatha isikhathi eside ukululama kodwa bacele izakhamuzi ukuba zibabekezelele.

UMasipala kanye noMngeni-UThukela Water banxusa izakhamizi ukuthi ziqhubeke nokusebenzisa amanzi ngokuwonga njengoba besabhekene nalenkinga yemadamu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *